Ikhuza ibuya intandokazi yomlingisi weGenerations: The Legacy
BAPHUPHUMA injabulo abalandeli beGenerations: The Legacy kuSABC1 njengoba sekuqinisekisiwe ukubuya kwesilomo somlingisi uThuli Phongolo.
UThuli Phongolo ubuya ngokuzodlala indawo yomlingisi uNamhla Diale.
AbakwaSABC1 sebekuqinisekisile ukuthi le ntandokazi izoqala ukubonakala ngoLwesihlanu luka-April 25.
Ngemuva nje kokuthi lezi zindaba ezimnandi ziqinisekisiwe, akuthathanga sikhathi ukuthi abalandeli baqale ukuvungama yinjabulo ezinkundleni zokuxhumana.
Ukubuya kukaThuli kuza ngemuva kokuthi umlingisi uMpume “Six” Nyamane, owayedlala indawo ka-Aubrey Poo, ephumile kulo mdlalo.
Ukubuya kukaNamhla kulindeleke ukuthi kulethe ukushisa kule ntandokazi ye-soapie.
Kuzokhumbuleka ukuthi iGenerations: The Legacy ilona uhlelo lukamabonakude olungelesibili olubukwa kakhulu eNingizimu Afrika.
Esitatimendeni esikhishwe ngabeGenerations: The Legacy, uNamhla ubuya engumuntu wesifazane oshintshe kakhulu kunaphambilini.
“UNamhla unesifiso sokuvelela, uhlakaniphile, unobuqili, akazicabangeli, futhi uzimele, uNamhla unobudlelwane obuxakile nabazali bakhe uLucy Diale noJack Mabaso, umthanda kakhulu uLucy, kodwa ubudlelwano babo buhlale bunzima kakhulu.,” kuchaza isitatimende.
Ngakolunye uhlangothi, uThuli ucashunwe ethi ujabule kakhulu ngokubuyela kulo mdlalo.
Uthe kuningi okuzokwenzeka okuzoshiya ababukeli bebambe ongezansi.
Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni adlule uThuli uke wafaka izithombe ebezikhombisa ukuthi uyaqopha kulo mdlalo.
Yize kwabanokuqagela okuningi kubantu, kodwa manje konke sekuhleli obala.

