Ezemidlalo

Kuphelile ngeRoyal AM kaMaMkhize

KUPHELILE obekuhlanganise iRoyal AM FC nePremier Soccer League.


Lezi zindaba ziqinisekiswe emhlanganweni obuseSandton Convention Centre eGoli namuhla.


IRoyal AM ixoshwe kuPSL kulandela ukuvota kweBoard of Governors (BoG) yeligi.


Kulapho abebemele wonke amaqembu angu-31, ngaphandle kwe-Royal AM ethintekile, bahlangane ukuzobhunga ngokufaneleka kwaleli cala.

Izinkinga zeRoyal AM ziqale ngesikhathi umnikazi wayo uShauwn Mkhize engena enkingeni neSouth African Revenue Service (SARS), okuthiwa ukweleta u-R40m wentela engakhokhiwe.


Lesi sikweletu simataniswa nomengameli uShauwn “MaMkhize” Mkhize, kanjalo nomndeni wakhe.

Leli qembu laKwaZulu- Natal lisadlale imidlalo engu-11 kuphela ku-Betway Premiership kule sizini.


Lokhu kusho ukuthi wonke amaphuzu atholwe yiRoyal AM aphenduke ize leze.

Ngenxa yalokhu, iqembu elihlezi endaweni ka-15 lizongena kuma-playoffs.