Kusinda kwehlela kwiRoyal AM
KUZOSHONA elanamuhla izwe selazi ngekusasa leRoyal AM. IRoyal AM ka Shauwn “MaMkhize” Mkhize kulindeleke ukuthi ibhekane nesigungu esiphezulu sePremier Soccer League (PSL) eSandton Converntion Center ngo-11 ekuseni.
Kulapho kuzovota khona amaqembu angaphansi kwePSL
mayelana nokuhoxiswa kobulungu kweRoyal AM.
Isiphakamiso esenziwe yisigungu esiphezulu se-PSL sokuthi kuhoxiswe ubulungu beRoyal AM kungenxa yokungakwazi kweqembu ukufeza izibopho zalo kwiligi.
IRoyal AM igcine ukudlala imidlalo yePSL kusukela ngoDecember.
Lokhu kungenxa yokuthi uSARS ubefuna imali ayikweletwa iRoya AM engu-R40 million.
Kulindeleke uMaMkhize abe khona ukuzokwethamela lo mhlangano obhekwe ngamehlo abomvu.
Kubhekwe ukuthi kungenzeka akhulume namaqembu angamalungu ePSL.
Kulesi sikhashana, leli qembu selibhekane nezivuvaba eziningana.
Phakathi kwazo kubalwa ukufakwa kwalo endalini lidayiswe esidlangaleni.
Kulapho usomabhizinisi uRoy Moodley kwakunethemba lokuthi uzolithenga kodwa leyo mizamo yaphunza.
Kulo nyaka kuzoqopheka umlando wokuthi imidlalo yePSL iqede inamaqembu angu-15.

