Ubuyela enkantolo osolwa ngokubulala uthisha waseSikhethuxolo
UBUYELA ngoLwesine oluzayo eNkantolo yeMantshi eHammarsdale osolwa ngokudutshulwa okwaholela ekufeni kowayebambe kwesobuthishanhloko eSikhethuxolo High School eMpumalanga Township.
Umsolwa oneminyanga engu-28 okumanje uboshiwe, ubanjwe ngecala lokudutshulwa kubulawe intandokazi kathisha uBusani Khomo.
Uqale ukuvela enkantolo ngoMashi 12 wasichitha isicelo sakhe sokuthi adedelwe ngebheyili.
UKhomo (57) wabulawa ngoDecember 5 ephuma nje emagcekeni esikole kade eqeda umsebenzi wesikole.
Kuthe ephuma esengena emgwaqeni uSofasonke, wadutshulwa washona.
ISunday World ibika ukuthi, uthishanhloko obambile eSikhethuxolo High School uMnuz Sifiso Xulu, uzwakalise ukujabula kulandela ukuphumela obala kwamaphoyisa ecaleni lokubulawa kukaKhomo.
“Sijabule kakhulu njengesikole ngoba esikufunayo ubulungiswa.
Kuze kube manje, ngikholwa ukuthi sisendleleni le,” kusho uXulu.
Phambilini umbiko wamaphoyisa aveza ukuthi le mpumelelo yamaphoyisa idalwe wukubambisana nobuqotho kwawo nophiko lwamacala abucayi nodlame esifundazweni lunikezwe idokodo lokubulala ukuze lubheke kabanzi.
UCaptain Ntathu Ndlovu, okhulumela amaphoyisa, uthe: “NgoMarch 11, amaphoyisa aqhuba umkhankaso wobunhloli elokishini laseMpumalanga, nokuholele ekuboshweni komsolwa.
“Umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala uboshwe ngemuva kokuthi abaseshi benze uphenyo olunzulu.”
“Kuthathwe nebhulukwe amaphoyisa akholelwa ukuthi umsolwa wayeligqokile ngesikhathi enza ubugebengu.
“Umsolwa ngokuhamba kwesikhathi ubhekene namacala okubulala wabe esevela eNkantolo yeMantshi yaseHammarsdale ngoMarch 12, kulo nyaka.
Kusaphenywa ngaleli cala, kusazoboshwa abanye abantu.”
Okhulumela uphiko lwezokushushisa KwaZulu-Natal, uNatasha Ramkisson-Kara, uthe: “Icala lihlehliselwe u-April 17 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Umsolwa owasichitha isicelo sakhe sebheyili ubhekene necala lokubulala.”
Ekuqaleni konyaka, uXulu ulandise iSunday World ngendlela uKhomo asebenze ngayo ukuze enyuse izinga lokuphasa kwabafundi bakamatikuletsheni esikoleni.
UXulu uthe ujabule futhi uphatheke kabi ngesikhathi isikole siphasa ngo-94.5% sisuka ku-61.9% athe uKhomo.
“Kuke kwaba nokungenzi kahle kwethu kwasenza inhlekisa, njengesikole sabhekana nezingqinamba nezikhathi ezinzima,” kusho uXulu ngaleso sikhathi.
“Lona wumzamo nokusebenza kanzima kukathishanhloko obambe sekwephuzile. Ukubonile lokhu kuza futhi wayeqinisekile ngale miphumela.
Nakanjani uyamamatheka; sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula.
“Othisha basadabukile futhi basezinhlungwini, kodwa ngemuva kokuthola imiphumela enjalo, okungenani sinokuthile okumele sikujabulele ukuhlonipha uthishanhloko wethu.”

