Ezomhlaba

Kubhekene ingwe nengonyama phakathi kweChina ne-USA ngolwentela

UKUBAMBANA ngezihluthu kwempi yezomnotho kubukeka kuthatha elinye igiya njengoba iChina isiveze ukuthi izolwa kuze kube sekugcineni.


Lokhu kushiwo iKhomishana yeNtela yoMkhandlu kaZwelonke eChina kwisitatimende sakamuva.


Isitatimende siqhuba sithi  ” Noma i-United States ingakhokhisa intela ephezulu kangakanani, angeke iphinde ibe nomqondo kwezomnotho futhi ekugcineni iyogcina yehlile. 


Lokhu kuzokwenza i-USA iphenduke ihlaya emlandweni womnotho womhlaba.”


Siqhuba sithi ” Njengoba sekuvele kungenakwenzeka ukuthi imakethe yaseChina yamukele imikhiqizo yase-USA ezingeni lamanje lentela.

Uma i-USA yengeza intela i-China izokuyiziba.” Nokho, uma i-USA iphikelela nokubukela phansi i-China, sizothatha izinyathelo eziqinile futhi silwe kuze kube sekugcineni, ” kuphetha iChina.


Lokhu ngemuva kokuthi iChina imemezele ukuthi izogixabenza i-USA ngentela ka-125%.


Le ntela yentengo engaka izoqala ukusebenza ngokusemthethweni kusasa.


Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-USA ithe jize intela enyusiwe yangu- 145% izolo.


Lo mnqakiswano wentela usufike ezingeni la kubhekene khona ingwe nengonyama phakathi kwe-USA neChina.


Okwamanje akucaci ukuthi iyiphi ezogoba uphondo njengoba umengameli wase-USA ethi ulinde iChina imncenge bazokhuluma ngale ntela.


IChina yona ngeke ikwenze lokho. 


Okungcono iyofela empini nokuba yisiyoyoyo sebhoklolo eliyi-USA.


Ububhoklolo be-USA sekwenze amanye amazwe anquma ukudikila ukuthenga imikhiqizo yakhona. 


Amazwe asekhaleni lalo mshikashika kubalwa iCanada namanye asezwenikazi i-Europe.Â