Izindaba

Kungase kwenyuke imali yokugibela amatekisi

I-SANTACO ixwayisa abagibeli baseNingizimu Afrika ngokukhuphuka kwemali yokugibela amatekisi kulandela ukwenyuka kwe-VAT.

Lezi zindaba zizoshaya kakhulu abagibeli ikakhulukazi labo abasebenzisa amatekisi nsukuzonke nabahamba amabanga amade.


Okhulumela  iSANTACO uMmatshikhidi Phala ucashunwe kwi-IOL News ethi bayakugxeka ukunyuswa kweVAT.


Uphinde wexwayisa ngokuthi kuzonyusa kakhulu izindleko zokusebenza kubanikazi bamatekisi nabashayeli.

“Ukulibeka ngembaba, lokhu kunyuka kufana nokufaka usawoti esilondeni esivele sivulekile. Iningi  labashayeli sebevele benenkinga yokukhokha inzalo ephezulu kakhulu yezimoto esukela ku-18% iye ku-25%. 

Lokhu kuholela ekukhuphukeni kwezitolimende nyanga zonke,” kusho uPhala etshela i-IOL News.

Wengeze ngokuthi umthwalo owengeziwe wezezimali uzophinde ucindezele abashayeli asebevele banenkinga yokukhuphuka kwezindleko zesondlo, uphethiloli, amaholo, kanye nokukhokhwa kwemali mboleko.

“Lokhu kuphoqa abashayeli ukuthi baxazulule izindleko ezibucayi futhi benze izinqumo ezinzima ukuze bahlale besebenza.

Ukwenyuka kwe-VAT kuhlanganisa kuphela isimo esivele sinenselelo.”

Imboni yamatekisi idlala indima eNingizimu Afrika.Ithutha abagibeli abangaphezu kuka-60% ngosuku kanti ayinalo noxhaso oluvela kuhulumeni.


UPhala ugcizelele ukuthi nakuba ukunyuka kwemali yokugibela kungase kudingeke, akusona isixazululo sesikhathi eside esimeme.

“Iningi labagibeli bethu – abantu baseNingizimu Afrika abangaphezu kwezigidi ezingu-11 – kakade badonsa kanzima ngezindleko zokuphila.

Ngeke bakwazi ukukhuphuka kakhulu,” esho.

“Yingakho i-SANTACO kade ifuna uxhaso lukahulumeni nokuthi izikhungo zezimali zisebenzise indlela yokungabekezeleli ubungozi kulo mkhakha.”

Ukuqinisekisile ukuthi ezinye izinhlangano okwamanje zicubungula ukwenyuswa kwemali yokugibela, okungenzeka ukuthi ifinyelele cishe ku-10%, ngokuholwa yinkomba yemali yokugibela ye-SANTACO kanye nokukhuphuka kwezindleko zokusebenza.

“Ososeshini abaningi, beholwa yinkomba yethu yemali yokugibela amatekisi nezinye izinto zezindleko, bacubungula ukukhuphuka kwemali yokugibela—yize lokhu kungenzeka kuncishiswe ngenani elingeqile ku-10% wemali yokugibela yamanje.

“Isikhathi kanye nesimo esiqondile sanoma yiziphi izinguquko kusala ekuboneni kwenhlangano ngayinye ngayinye, njengoba bekuqonda kangcono ukuguquguquka kwemizila yabo ethize kanye nezisekelo zabagibeli.

Noma yiziphi izinguquko, uma sezinqunyiwe, zizokwaziswa kubagibeli kusenesikhathi ukuze kuvunyelwe ukulungiselela nokuba sobala,” esho.