Kungenzeka aliqede ishobolo lezindebe uNabi?
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi useveze ukuthi uma abaphathi bakhe befisa ukumchitha, angeke abenenkinga yokushenxa esigqikini.
Lo mqeqeshi waseTunisia ungaphansi kwenkulu ingcindezi selokhu eqashwe ekuqaleni kwesizini.
Ulandelwe ukuqeda ishobolo leminyaka lokunganqotshwa ndebe eNaturena kumasizini amanye.
Selokhu efikile uNabi iChiefs ayidlali ibhola eligculisayo kanti isele emuva kakhulu ngamaphuzu ukuthi ungaba sembangweni wesicoco sePremiership.
INedbank Cup iyona kuphela ithemba layo lokugcina kule sizini.
Ephawula ngaphambi komdlalo weNedbank semi-final neSundowns eLoftus Versfeld Stadium ngeSonto, uNabi uthe.
“Lapha kwiChiefs kunebhodi engisebenzisana kahle nalo kakhulu njengoba lihlaziya indlela esijima ngayo futhi sihlala siba nemihlangano ngemuva kwemidlalo.
Leli bhodi liyayazi into eliyenzayo kodwa uma libona ukuthi akungifanele ngibe khona eqenjini ngesizini ezayo, ngzohamba.
Okwamanje ngisakhona ngoba nginenkontileka futhi nginezinto engisophe ukuzifeza futhi ngiyazethemba,” kusho uNabi.

