Usolwa ngokwedelela amaZulu umgubho waseMelika
USUQUBULE umsindo umgubho waminyaka yonke abawuzibiza ngowesizwe samaZulu eNew Orleans, e-United States of America (USA).
Lo mgubho obizwa ngeZulu Tramps noyingxenye yeMardi Gras, ucike abaningi bakuleli ngenxa yokupenda isizwe samaZulu ngendlela elulazayo nesibukela phansi.
Okukhalisa iningi labakuleli, wukuthi noma bezama ukuchazala abawuhambelayo nabayingxenye yawo ngesizwe samaZulu nomalndo waso, amaMelikana abukeka engakushayi ndiva lokho.
Abanye bakuleli abaphawule ngalo mgubho ku-X baphinde bakhala nangokusetshenziswa kabi kwegama lesizwe samaZulu ngendlela engenanhlonipho nesilulazayo.
” Ukupendwa kobuso nokuphatha imifanekiso yengwenya, nakho nikubiza ngenhlonipho esizweni esihlonishwa umhlaba wonke? Hambani niyofunda umlando ngoZulu,” kusho umbhali uzobiza ngo @Maleningi.
” Sisenebanga elide okufanele silihambe uma kuhona abantu abanebala elifana nelethu kodwa ababukela i-Afrika nakho konke okuyithintayo phansi. Kusobala abamnyama baseMelika umuntu omnyama wase-Afrika bambona eyinto yokwedelwa nokunganikwa inhlonipho,” kusho @mazinhlana.
Lo mgubho uthakaselwa zinhlanga zonke e-USA kanti uthathwa njengobalulekile.
Lo mgubho ugqame ngemvunulo esho ngemibala egqamile, ukupendwa kobuso kwabaviliyeli ngendlela esabisayo, ezobuciko ezahlukene, amaphathi asemgwaqweni, ukujikijelwa ngobuhlalu nokunye okuningi.
Yize kunjalo akukho nokuncane ongakufanisa nemvunulo yakuleli
Phakathi kwamaqembu avame ukubamba iqhaza kulemigubho kubalwa iKrewe of Endymion, Krewe of Bacchus neZulu Social Aid & Pleasure Club.
Lo mgubho usuneminyaka engu-100 wasungulwa kanti uthatha isonto lonke.
Uma usuya ngasekupheleni, kuqokwa inkosi nendlobukazi ezomela amaZulu.
Ukusabalala kwezithombe nama-video alo mgubho sekube nokuqophisana ngamazwi phakathi kwabakuleli namaMelikana ngomlando wesizwe samaZulu nezinye zakuleli.
Yize kwabanye kugcina kahle kunokufubndisana kodwa kukhona lapho kuveze ngokusobala ukuthi ngeke kufikwe ndawo.
Ngokwencazelo yeZulu Tramps, kuthiwa iyingxenye yeZulu Social Aid and Pleasure Club yaseNew Orleans,
Incazelo iqhuba ithi, laba abahlobene ngqo nesizwe samaZulu eNingizimu Afrika.
Igama labo kanye nendikimba yabo igqugquzelwa umdlalo weshashalazi iVaudeville wakudala owawukhuluma ngesizwe samaZulu owakhonzwe yiqembu labasebenzi abangabokudabuka e-Afrika baseMelika ngo-1909.
Bathatha igama elithi “Zulu” njengendlela yokwenza ubunikazi obuyingqayizivele bemikhosi yabo ye-Mardi Gras, osekuphenduke isiko elibalulekile eNew Orleans.
Buka ivideo:
Ivideo: ASolid Photographer

