OwoKhozi ukhala ngokunqindwa amandla okuqamba uhlelo lwakhe
ZILOKHU ziqonge njalo izinkinga kumsakazo uKhozi FM njengoba sekubikwa ukungezwani kahle phakathi komsakazi nomdidiyeli omkhulu.
Ezakamuva ziveza ukuthi zithi kunesilomo somsakazi woKhozi sesizwakalise ukungagculiseki ngezinqumo ezithinta uhlelo lwakhe.
ISunday World ibike ukuthi uZandile “Zeal” Dladla, uthumele izwi eliqoshiwe elinomlayezo oshubile kumdidiyeli omkhulu uZandi Wardle.
Kuthiwa uZeal uthumele lo mdidiyeli omkhulu izwi eliqoshiwe ekhononda ngesinqumo sokushintshwa kwegama lohlelo lwakhe.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uZeal ecelwe ukuthi angafaki igama lesiNgisi elithi Friday egameni lohlelo lwakhe.
Uhlelo lukaZeal, iFak’úmoya, ludlala ngoLwesihlanu kusihlwa.
“I-Fak’umoya Friday isho ukuthi lolu hlelo ludlala kanye ngesonto futhi luphethe indawo yangoLwesihlanu.
Wonke umuntu uyazi ukuthi uLwesihlanu ngolwemicimbi yokuzijabulisa, umculo, indlela yokuphila kanye neyokuqala ngempelasonto.
“Yize uKhozi kuwumsakazo wesiZulu kodwa sizama ukuheha abalaleli nalabo abasemadolobheni.
Ngiyaxakeka, futhi angiqondi ngoba angitshelwanga ngalokhu. Isiphi isikhathi wena noMdletshe enanquma ukulenqaba igama?” kubuza uZeal.
Omunye umethuli wezinhlelo ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe: “Nami ngacelwa ukuthi ngishintshe igama lohlelo lwami.
“Amagama amasha esiwasebenzisayo ezinhlelweni zethu awazange avunywe emhlanganweni kodwa avunywa ngemuva kwawo. Inkinga ukuthi uZeal akafikanga kulowo mhlangano, yingakho kwaba kunje,” kusho umsakazi.
Imibuzo ithunyelwe kwa-SABC, kodwa ayizange itholakale impendulo ngesikhathi sokushicilela. Ukuphawula kwabo kuzofakwa uma sekutholakele.
UWardle ungumdidiyeli omkhulu omusha okuthiwa usanezinyanga ezintathu efikile evela kwi-5FM.
Ngeledlule kubikwe ngaye futhi kulandela ukuthathana kwakhe nomunye wabasakazi basekuseni.
Lokhu kungemuva kokuthi lo mdidiyeli ecele ukuthi abasakazi bahoxise ukusho noma babingelele ithimba labadidiyeli abasuke besenza nabo.

