Izindaba

Sekuboshwe udokotela mbumbulu esibhedlela

KUBOSHWE indoda yase-Eastern Cape ngokuzenza udokotela esibhedlela iNelson Mandela Academic Hospital eMthatha.

Ngokwemibiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana, udokotela mbumbulu ubeswenke econsa ngejazi lodokotela elimhlophe.

Entanyeni ehlobe ngezipopolo zodokotela eshayela phezulu.


Umbiko weSunday World ucashunwe uthi, uMnyango wezeMpilo esifundazweni, umsolwa ubanjwe onogada basesibhedlela ngemuva kokuba umhlengikazi ehlabe umkhosi.

Kubikwa ukuthi lo mhlengikazi ubone kunokusolisayo ngalo dokotela mbumbulu.


Umhlengikazi ukhumbulile ukuthi uke wambona ezinkundleni zokuxhumana ezenza uthisha ngaphambi kokuthi aye esibhedlela ezozenza udokotela.

UMqondisi wezoMnyango wezokuXhumana uSiyanda Manana uthe : “Ubegqoke ijazi elimhlophe futhi enama-stethoscopes amabili entanyeni yakhe.

Uke waba sewodini labahlinzayo kwa-Level 5 ngaphambi kokuba aboshwe futhi avalelwe ku-Level 4.”

UManana uqhube wathi umsolwa ubonwe ewadini ye-ENT waboshwa ngokushesha.

“Kubizwe amaphoyisa amthatha ngokushesha.”

Uqinisekise umphakathi ukuthi azikho iziguli ezahlolwa yilo dokotela womkokotelo.

“Ithimba lasesibhedlela lijutshwe ukuthi lisebenze ngokubambisana ne-SAPS ukuze lilandele umkhondo womndeni wakhe.

“Umnyango uyakuthokozela ukuqapha okukhonjiswe ngabasebenzi ekuvikeleni iziguli esibhedlela.”

Kwenzeka lokhu nje iNingizimu Afrika ike yabhekana nomunye udokotela wamanga uMatthew Lani.Waboshwa ezenza udokotela osebenza esibhedlela iHelen Joseph eGauteng ngo-2023.

Ngokusho koMnyango Wezempilo Kazwelonke, sekuboshwe ababalelwa ku-124 ngamacala afanayo esikhathini esiyiminyaka emithathu edlule.