Ezokokungcebeleka

Unephupho lokunqoba uMiss South Africa odume kwiBig Brother

BAGCWELE injabulo abalandeli bendoni yamanzi yakwiBig Brother Mzansi engenele ukuhlungwa kokaMiss South Africa.


UNsuku Mabunda (29) waseNkuzana eLimpopo ungomunye wabesifazane owenze isiqiniseko sokungaphuthwa wukufaka umngenelo kuMiss South Africa.


Izolo bekungusuku lokugcina lokufakwa kwemingenelo.


IVideo kaNsuku isabalale ukwedlula amanye futhi yaphinda yaqhwakela phezulu ezihlokweni ezisematheni ezinkundleni zokuxhumana.


Kuyona, uphethe umlayezo wokuqinisa idolo kulabo abagwaswa ngenxa yokuba nebala elizothile nabagcina behlukunyezwa ngenxa yalokho.


Akagcini lapho, uphinda akhuthaze nalabo abakhetha ukuba nezinwele zemvelo nabagundile njengoba yena eshaya ngembungculu ukuthi bazithembe.


UNsuku olale isithathu wiBig Brother Mzansi, uphinde akubeke obala ukuthi njengaye, ukuba ngumuntu ozikhulumelayo nongenamahloni akulona icala.


Iningi labantu limtusile ngesibindi sakhe sokukhuluma ngalezi zihloko nokuziqhenya ngobu-Afrika.


Uma engagcina ephumelele ukuba ngomunye wabatonyulwa kulo mncintiswano, kungaba ngokokuqala ngqa ukuthi kube khona enye yezingane zikaBig Brother eziphumelelayo ukuncintisana kokaMiss South Africa.