Ezemidlalo

IChiefs izokhuthazwa yindlala yezicoco kwiNedbank Cup

IZONGENA koweNedbank Cup iqhutshwa yindlala yeminyaka eyishumi yagcina ukuqukula le iKaizer Chiefs.

Kulo mdlalo iKaizer Chiefs izotholana neMamelodi Sundowns eLoftus Versfeld Stadium ngo-6 kusihlwa. 

ISundowns, njengoba ihlule iSekhukhune United ku-quarterfinal, izokwenza konke okusemandleni ukuvikela isithunzi sayo.

IChiefs, iya kulo mdlalo nje iqhutshwa wumfutho ohambisana nentshisekelo yokuzama ukuqeda isomiso seminyaka eyishumi yagcina ukuphakamisa indebe.

Lokhu kuletha umfutho ohambisana nengcindezi kubadlali nakumqeqeshi uqobo.

Ukufika kwabo kowandulela owamanqamu kufike ngegoli likaPule Mmodi ngesikhathi bedlala neStellenbosch.

Umdlalo wokuqala okumanje usensimini e-Orlando Stadium, lapho ompetha abavikela i-Orlando Pirates kuzokwamukela uMarumo Gallants. 


AmaBhakabhaka, abheke isicoco esiyingqopha-mlando seNedbank Cup okwesithathu kulandelana, abhekene nengcindezi ekhulayo yokulondoloza amandla awo. 


Iqembu likamqeqeshi uJose Riveiro lingena kulo mdlalo liyizimfivilithi, kodwa uGallants esanda kunqoba iDurban City kuma-quarterfinal ngokuzethemba nangokuzimisela ukuzophonsela inselelo lezi zinkunzi zaseSoweto.