ULootlove noScoop Makhathini bazophatha umcimbi ophambili
UMCIMBI wezindondo zamaMetro FM Music Awards uzophathwa yizinkakha embonini yezokusakaza.
Lo mcimbi uzobanjelwa eMbombela Stadium eMpumalanga ngoMgqibelo kaMay 3 ngo-8 ebusuku.
Abe Metro FM bamemezele ukuthi baqoke umsakazi ophinde abe ngumethuli wezinhlelo zethelevishini, uLuthando ‘Lootlove’ Shosha noSiyabonga Ngwekazi, odume ngelika- ‘Scoop Makhathini’.
UNgwekazi usezakhele igama umethuli wezinhlelo zethelevishini waseNingizimu Afrika, umbhali nomhlaziyi wezamasiko.
Ephawula ngalokhu ngokuqokwa kwakhe uNgwekazi uthe : “Ngijabule kakhulu ukusebenzisana noLuthando okokuqala ngqa, futhi ngibonga iMetro FM ngokusinikeza ithuba lokuveza amakhono ethu.”
Kulo nyaka iBlack Carpet ixhaswe yiMotsepe Foundation.
Sisekuyona iBlack Carpet sekuvele ukuthi kuzobe kugijima umsakazi weMetro FM, iThe Hustler Fix, uMpumi Mlambo nonkhangisi u-Anele Zondo.
Omunye ozoba neqhaza elibalulekile kule zindondo uDineo Ranaka, osanda kubuyela kulo msakazo noshayela uhlelo lwe-Top 30.
Kumenyezelwe ukuthi uDineo uzophatha kwiGreen Room nesihlabani nomculo we-hip hop uThato Madonsela, odume ngelika-L-Tido.
Ama-MMA azosakzwa ku-SABC 1 ngo-8 ebusuku.

