Ezemidlalo

Dololo imiholo kubadlali beRoyal AM

Bazoba ngePhasika elimnyama abadlali beRoyal AM njengoba bengaholile.

Lokhu kuvezwe inyunyana yabadlali iSouth African Football Players Union (SAFPU) njengoba umengameli uTebogo Munyai ethe:  ” Imiholo kaDecember yangena ngoJanuary.

“Ngokunjalo umholo kaJanuary wangena ngoFebruary kwathi eyaleyo nyanga bayithola ngoMarch.” 

Uqhube wathi ” Sikhuluma nje abakabaholeli owalenyanga. Ngaphezu kwalokho kunabadlali abasakweletwa ama-signing on fees.” 


Kwenzeka konke lokhu nje iRoyal AM isanda kuxoshwa iPremier Soccer League (PSL) ngoba yehlulekile ukuya emdlalweni yayo ikhala ngokungabi namali. 


Isinqumo sokuhoxoswa kobulungu sikhishwe ngesonto elidlule emhlanganweni obubanjelwe eSandton Convention Centre.


Kulapho kwavota amaqembu angu-31 ngesinqumo esigcine sibeke iRoyal AM la ikhona namuhla.


UMaMkhize wawuhambela lo mhlangano kanti akakaphefumuli ngesinqumo azosithatha.


Yize kunjalo kodwa alokhu ekhona amahlebezi okuthi kungase kube khona ubungani obuthile phakathi kwakhe neqembu laseSwatini iMoneni Pirates.


Sikhuluma nje iRoyal AM, igcine isigwinywe iSA Revenue Services ngoba uMaMkhize eyikweleta imali ebalelwa kuR40 million.