Sekudlule emhlabeni uyise wesihlabani somculo wamaPiano
UMNDENI wesihlabani somculi sidalule ukuthi umndeni waso usemanzini kulandela ukudlula emhlabeni kukayise.
UDuduzile Ngwenya odume ngelikaLady Du, ubhale ku-Instagram azisa abalandeli bakhe ngokwehlele umndeni wakhe ushiywa yinhloko yekhaya, uMbuyiselo “DJ Choc” Ngwenya. (51)
ULady Du ohlonishwa kakhulu emunxeni wamaPiano, uthe uyise udlule emhlabeni ngoLwesihlanu.
Ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana, u-Lady Du uchaze uyise njengomngani omkhulu nemuntu obemeseke kukho konke akwenzayo.
Uqhube waveza ukuthi nguyise owamazisa waphinde wamethula embonini yokuba uDJ esemncane.
Ngenxa yokulahlekelwa, uthathe isinqumo sokumisa imisebenzi yakhe okwamanje ukuze abe nomndeni wakhe kule sikhathi esinzima.
Amazwi enduduzo abelokhu engenile evela kusukela kubalandeli nakosaziwayo asebenza nabo emculweni.
Phakathi kwabadumile abadlulise amazwi okumeseka kubalwa uSjava, DJ Zinhle nabanye abaningi.
Iningi labantu abazi amagalelo kaDJ Choc embonini yezokungcebeleka bebetusa ikhono lakhe nothando abelukhombisa kubantu abasha ngokubeseka.
Bebengayekile njalo ukumncoma ngokuba ngobaba oqotho nobekhombisa uthando olujulile endodakazini yakhe uLady .
Umufi ubaziwa nangokuba ngumunye wabantu abebengazibekile phansi ethanda ukukhumbuza umkakhe ukuthi umthanda kanganani. Lokhu ubekwenza njalo ezinkundleni zokuxhumana.
Ezinsukwini ezimbalwa nje ngaphambi kokuba asdlule emhlabeni ubefisele umkakhe uSally Ngwenya usuku olumnandi lokuzalwa.
UDJ Choc usebenze nosaziwayo nabaculi abazakhele igama kuleli okubalwa kubona uDJ Clock, Mbuso Khoza, DJ Cleo, DJ Mashega, Skipper Shabalala nabanye abaningi.
Ubaziwa njengo,munye abebethanda ukuqoqa amarekhodi omculo wamzukwana futhi enodlebe emculweni.

