Izindaba

Umbhikisho wamafundi usukhiphe isidumbu eNyuvesi

KUBIKWA ukuthi imenenja yaseWalter Sisulu University ivulele ngenhlamvu kubafundi ngesikhathi behilizisana, kwashona oyedwa kwalimala abathathu.

Umbhikisho obuseNyuvesi yaseWalter Sisulu ophikweni lwaseMthatha ungene kwelinye igiya ngoLwesibili ngesikhathi le menenja yesikhungo idubula abafundi.

Abazibonele bathi isigameko siqale ngaphandle komuzi wemenenja.


Kulapho kubonakale iqilu labafundi libhikisha yinyomfa.


Okwamanje bekungakazeki ukuthi kungani bebebhikisha.


Kulapho iqulu labafundi belihlangene khona libhikisha.


Kubikwa ukuthi kushube isimo ngesikhathi abafundi bejikijela amatshe.


Kuvela ukuthi imenenja iziphendulele ngokuqhulula intululwane yezinhlamvu nokukholakala ukuthi izibhekise kubafundi.


Kubikwa ukuthi kunomfundi oshonele endaweni yesigameko.


Abanye abathathu bathole imihuzuko yokudutshulwa baphuthunyiswe esibhedlela sendawo, lapho ababili kuvela ukuthi basesimweni esibucayi.

Kulezi zinxushunxushu ezilokhu zibikiwe kunemibiko ngabafundi abashise imoto yomphathi.


Isimo sichazwa ngokuthi siyashuba futhi siyaguquguquka.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi e-Eastern Cape, uXolile Nqatha, usigxekile isigameko nodlame.


Unxusa umphakathi nabafundi ukuthi behlise umoya.

Amaphoyisa aseqale uphenyo olusemthethweni, kanti isikhungo sisangaphansi kwezokuphepha eziqinisiwe.


INyuvesi yaseWalter Sisulu bekumele ikhiphe isitatimende esisemthethweni, okushiye iningi labafundi nemindeni lifisa ukuthola izimpendulo.