Basashaqekile ngokushona komdlali webhola othanqazeke esitezi
Umgadli weqembu lesizwe laseGabon ushone ngemuva kokuthanqazeka esitezi sebhilidi eChina.
U-Aaron Boupendza (28) kubikwa ukuthi ushone namuhla ewa esuka esitezi sesi-11 ebhilidini eliseChina.
Lokhu kuqinisekiswe yisitatimende esikhishwe yinhlangano yebhola likanobhutshuzwayo (Fegafoot).
“Lo mdlali odabuka eGabon ushone ngemuva kokuwa esuka esitezi sesi-11 ebhilidini lakhe eChina lapho ebedlalela khona iZhejiang FC,” kusho umfelandawonye esitatimendeni ngo-X.
“U-Boupendza oneminyaka engu-28 ubudala usishiya nenkumbulo yomgadli ovelele owashiya amaphuzu akhe ku-CAN (Africa Cup of Nations) eCameroon.”
Ngo-2022, ama-Panthers akhishwa kwi-last 16 ye-AFCON yiBurkina Faso.
Umongameli oqokwe eGabon uBrice Oligui Nguema naye ubhonge emswaneni khona ku-X ukuze engeza amazwi enduduzo.
“Ngizwe ngidabuka kakhulu lapho ngizwa ngokushona kabuhlungu kuka-Aaron Boupendza, umgadli onekhono owaletha udumo ebholeni laseGabon,” esho.
Umsakazi waseGabon 24 uthe nakuba “izimo eziqondile zale nhlekelele zingakacaci” uphenyo luyaqhubeka “ukuze kutholakale amaqiniso”.
U-Aaron uzalelwe eMoanda, eGabon.
Wajoyina iqembu laseFrance iBordeaux ngo-2016.
Wachitha isikhathi sakhe esiningi ebolekiswe kwamanye amakilabhu aseFrance.
Ngo-2020 usayine eqenjini laseTurkey, iHatayspor.
Waba umshayimagoli ovelele kuSuper Lig ngo-2020-21 ngaphambi kokudlulela ku-Al Arabi, anqobe nayo indebe yeQatar FA, kanye ne-Al Shabab kuSaudi Pro League.
Uphinde waya e-USA wadlalela iFC Cincinnati kanye neRapid Bucharest yaseRomania ngaphambi kokuthuthela eChina ngoJanuary nonyaka.
Iqembu ake wadlala kulona iFC Cincinnati idlulise amazwi enduduzo emndenini, abangani nabalandeli ngokudlula kuka-Aaron emhlabeni.
” Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kubo bonke abomndeni, izinhobo nozakwabo ka-Aaron. Ukuhamba kwakhe emhlabeni kusishaqile. Aphumule ngokuthula,” kusho isitatimende esibhalwe ku-X.

