Ezokokungcebeleka

Isililo kudlula inkakha yomlingisi

KUWE umuthi omkhulu embonini yezobuciko kudlula emhlabeni uDon Mlangeni. Nawa.


UMlangeni Nawa (65) uzakhele udumo ngendlela ethandekayo yokulingisa eminyakeni ecela kwengu-30 eyibambile.


Waduma kakhulu ngokulingisa indawo kaZebedee Matabane emdlalweni owake wadlala kuSABC 3 othi “Isidingo”. 

Umndeni kaNawa ukhiphe isitatimende uqinisekisa ukudlula kwale nkakha emhlabeni namuhla.


“Ubeyigugu lomndeni wethu, ubaba onothando, umfowethu nomngani. 


Kwabanye abantu, ubengumlingisi onesiphiwo futhi ohlonishwayo ubukhona bakhe babukhanyisa zonke izigaba nezikrini ayezijabulela.

Umsizila  wakhe uyoqhubeka njalo ezimpilweni azithintile nothando alunikeza ngesihle,” kusho umbhalo wesitatimende.

Ngo-2018, le nkakha  yaklonyeliswa ngendondo ye-Lifetime Achievement Award kumaRoyalty Soapie Awards. 


Waziwa ngeqhaza lakhe emikhiqizweni efana nethi “Hlala Kwabafileyo”,”The Estate”, “The Throne”, “Legacy”, “Sgudi Snaysi”, “Uzalo”, “Abomama”.


Kamuva nje, ubeyingxenye yomdlalo “Shaka Ilembe” ne “Savage Beauty”.


Selokhu kuvele izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni, amazwi endunduze alokhu eqhamuke njalo.


Iningi lawo avela kubalandeli, ozakwabo naseminyangweni kahulumeni uqobo.