Owayeyisikhulu soKhozi FM ugonyuluke ngokuxoshwa kwakhe
UTHULULE amakati esakeni owayengumphathi wezinhlelo kuKhozi FM ngempilo enzima ayebhekene nayo kulo msakazo.
UZandile Tembe ubenengxoxo ekhethekile noNtokozo Ntshapa noNtobeko Khuluse bePocast Radio & Stuff.
Kulapho eveze obala isizathu sokuxoshwa kwakhe kulo msakazo.
UZandile uveze ukuthi ubudlelwano bakhe nowayeyimenenja yezamabhizinisi, uS’bongi Ngcobo, babuyinto ebanda qa okwekhala lenja.
“Mina noS’bongi sasingasebenzi kahle ndawonye, ​​ngase ngimazi kudala,” kusho uZandile.
“Sasinabangane ababodwa futhi sake sahlala endaweni eyodwa. Ngaphezu kwalokho sasike sasebenza ndawonye nakuTru FM.Â
” Noma kunjalo, ngangingaqondi ukuthi kungani sasidonsa kanzima ukuzwana emsakazweni uKhozi FM, ” kuchaza uZandile.
Uthe abantu abaningi abazi ukuthi yena noS’bongi babazana ngenxa yokuba sesiyingini sabangani ababodwa nokwenza bangaqali ukwazana.
“ Akusiyo imfihlo ukuthi isimo soKhozi FM besingesihle ngasemaphethelweni.”
” Noma kunjalo, ngangingaqondi ukuthi kungani sasidonsa kanzima ukuzwana emsakazweni uKhozi FM, ” kusho uZandile.
Uthe ukungavuselelwa kwenkotileka yinto ayeyilindele futhi akumumangazanga.
​NgoSeptember 2021, inkontileka kaTembe ayizange ivuselelwe esiteshini, futhi kubikwa ukuthi kwakungenxa yethonya likaNgcobo.
UZandile ubesebenzela Ukhozi FM kusukela ngo-2008.
UTembe uvumile ukuthi kwababuhlungu ukushiya uKhozi FM. Kodwa kwadingeka amukele isimo ngoba leyandawo yokusebenzela yayifana nobuthi kuyena.
UZandile uqhube wathi : “Akuyena kuphela uS’bongi owenza isikhathi sami singabekezeleleki emsakazweni uKhozi FM.”
“Ngangiphatheke kabi ngokushiya indawo engangiyithanda futhi engangikholelwa ukuthi ngisangakwazi ukufaka isandla kuyo.
“Kodwa ngangazi ukuthi akusajabulisi, futhi ngangingasamukelekile.
Yingakho inkontileka yami ingavuselelwanga,” kusho uZandile.
Uphinde waveza ukuthi abamvumelanga ukuthi aqede isikhathi sakhe esebenzela ehhovisi loKhozi FM.
Kwakufanele akwenze lokho esekhaya.
“Lokho kwakungenxa yokuthi inkontileka yami yayiphela, futhi isiteshi sizoya emhlanganweni wokuhlela amaqhinga.
Ngokusobala babengafuni ukudalulwa, ngoba babengazi ukuthi ngizoshonaphi. Ngaqonda ngoba lokho kunqubo yezinkampani.
“UNgcobo ubemuhle ngakwenzayo, nami bengiwenza kahle, bekunethuba lokuthi siphakamise uKhozi FM.
Ngiphatheke kabi ukuthi sehlulekile ukwenza lokho. Ngeshwa lezi zinto ziyenzeka.”
Ngemuva kweminyaka emibili, ngoNovember 2024, uNgcobo naye weshiya kulo msakazo.

