Izindaba

Ulaxaze ibheyili osolwa ngokuba wungqondongqondo kwelokubulawa kwenkosi yakwaXimba

WENQABE ibheyili umfowabo wenkosi yakwaXimba osolwa ngokuba ngungqondongqondo ekukwakhiweni kwetulo lokuyisoconga.

UMnuz Duncan Patrick Mzamo Mlaba (63) uboshwe ekuqaleni kwale nyanga ngemuva kokuzinikela emaphoyiseni abemthungatha ngezinsolo zokusocongwa kwenkosi uZibuse Mlaba.

Abemfuna ngemuva kokuthi ekhonjwe ngenjumbane nguFortune Dlamini (29) waseGeorgedale eHammarsdale njengongqondongqondo ecaleni lokusocongwa yizinkabi kwenkosi.

UDlamini wasebenzisa umlomo wommeli wakhe uMfuneko Jwili ukuvuma icala maqede wakhombe uMzamo njengelungu lomndeni elinamachaphazelo.

“Emhlanganweni, watshela uNhlanhla Hlongwa, uMncedisi Gwala, kanye nami ukuthi ufuna uMlaba abulawe. Wavuma ukukhokha u-R130 000 ngokubulawa kukaMlaba,” kusho uDlamini esitatimendeni esifungelwe.

UDlamini waphinde waveza ukuthi izibhamu ezimbili ezasetshenziswa ukubulala uMlaba, zathengwa nguMzamo ngo-R10 000 sisinye kulaba abashayayo.


UMlaba wake waba yilungu lesiShayamthetho KwaZulu-Natal, waphinde waba yiphini likasihlalo we-ANC esifundazwe.

Umbiko we-IOL uthi uMzamo ubevele okokuqala enkantolo yeMantshi yaseMlazi ngecala lokubulala uGwala ngoLwesihlanu mhlaka-11 April. 


UGwala uhlonzwe njengomuntu owadubula wabulala uMlaba eWareing Shopping Centre ngaphandle kwehhovisi lakhe ngo-October 21, 2021.

Ngokusho kukaDlamini, uMzamo wamyalela ukuthi athole izigebengu futhi abulale uGwala ngemuva kokuthola ukuthi amaphoyisa aqoqa ulibofuzo endaweni okwabulawelwa kuyo uMlaba.

Ummeli u-Abdul Karrim obemele ummeli ka-Arvina Harricharan Mzamo, utshele inkantolo yaseCamperdown ukuthi bafuna ukuthi womabili amacala ahlanganiswe. 


Uthe bafuna ukubona ukuthi akhona yini amacala amasha azowengezwa nguMbuso.

IMantshi uSB Ngcobo ibuze ukuthi bayalaxaza yini ibheyili. 


“Kunjalo, nkosi yenkantolo,” kuphendula uKarrim.

Umshushisi woMbuso u-Advocate Nokulunga Ngcobo uthe ngeke baphikise.

Ucele ukuba ikhefu ukuze axoxe nomshushisi ophambili ukuze aqinisekise ukuthi uMzamo uzojoyina abasolwa naye enkantolo yesifunda futhi ngaluphi usuku.


Umshushisi ophambili kulolu daba ngumshushisi omkhulu woMbuso u-Advocate Elvis Gcweka. 


IMantshi uNgcobo ivume ukuthi lihlehliswe icala. 


Emuva kwemizuzu embalwa inkantolo iqhubekile, u-Adv Ngcobo watshela inkantolo ukuthi uMzamo uzovela okokuqala eNkantolo yesiFunda yaseCamperdown ngoMeyi. 


Uzobe esebhanqwa nabasolwa uMthobisi Tsebang Dubazana noHlongwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMzamo usanda kwesula eqenjini abeyilungu lalo lokuqina loMkhonto WeSizwe.

Ubhale incwadi yokwesula ngesikhathi etokile ngosuku olwandulela olokuboshwa.