Ezemidlalo

I-CAF ihlawulise kanzima iPirates neMC Alger ngenxa yodweshu

IBHODI le-CAF lokuqondiswa kobugwegwe lithwese i-Orlando Pirates icala lokungaziphathi kahle kanye nokwehluleka ukuhlela ezokuphepha ezanele emdlalweni weCAF Champions League ne-MC Alger.

Lokhu kushiwo yisitatimende esikhishwe yiCAF ngomdlalo wangomhlaka 9 April, nonyaka  owawuphakathi kwe-Orlando Pirates neMC Alger.

“Ibhodi le-CAF lokuqondiswa Ubugwegwe lithole isikhulu se-Club u-Ezekiel Matebula enecala futhi lasinquma imidlalo emine (4), imidlalo emibili (2) kuyo kumiswa isikhathi sokuvivinywa unyaka owodwa (1), kusukela ngosuku lwesinqumo.

“Abadlali be-Orlando Pirates uSipho Chaine noNkosinathi Sibisi nabo batholwe benecala balengiselwa umdlalo owodwa (1) ngokungaziphathi kahle.

“I-Orlando Pirates ihlawuliswe u-USD 50,000 (R940,000) ngokungaziphathi ngendlela kweqembu labo kanye no-USD 20,000 (R376,000) ngokwehluleka ukuqinisekisa ezokuphepha ezanele.”

Khonamanjalo, i-MC Alger ayizange ibalekele unswinyo, njengoba ihlawuliswe isamba sika-USD 155,000 (R2.9 million) ngokwephula imithetho yeCAF emidlalweni yayo emibili nePirates.

“Ibhodi Le-CAF lokuQondisa Ubugwegwe lithwese u-MC Alger icala lokwephula i-Article 82 no-83 ye-CAF Disciplinary Code kanye ne-Article 32 no-35 ye-CAF Safety and Security Regulations emdlalweni wabo we-CAF Champions League ne-Orlando Pirates (1 April 2025),” kusho i-CAF.

“Ikilabhu itholwe inecala. Isinqumo secala siphoqa ukuthi kukhishwe isigwebo esimisiwe sokuqondiswa kwezigwegwe esimenyezelwe yi-Disciplinary Panel ngomhla zingu-24 kuNovember 2024, okuyisibopho sokudlala imidlalo emibili (2) kuvaliwe ngesikhathi semidlalo elandelayo yomqhudelwano wamakilabhu we-CAF, lapho iClub MC Alger (Algeria) izodlala khona njengekilabhu engosokhaya.

“I-MC Alger iphinde yathola inhlawulo ka-USD 10,000 (R188,25) ngokukhanyisa amabhomu entuthu kanye nenye imali engu-USD 20,000 (R376,49) ngokusebenzisa izikhombi ze-laser. 

Okokugcina, sekukhokhiswe inhlawulo engu-USD 10,000 (R188,25) ngokujikijela izinto.

“Kwesinye isinqumo esiphuma emdlalweni weCAF Champions League ne-Orlando Pirates (9 April 2025), i-CAF Disciplinary Board imise uMohamed Khezroni, isekela lomqeqeshi we-MC Alger, emidlalweni emine (4) yokwephula i-athikili 82 kanye ne-123 ye-CAF Disciplinary Code. 

Inhlawulo engu-USD 15,000 (R282,37)

“U-Abdelkader Oussama Menezla, umdlali we-MC Alger, umiswe imidlalo emibili (2), okuhlanganisa nowodwa (1) omisiwe unyaka owodwa.

“Kukhokhiswe inhlawulo engu-USD 100,000 (R1 882,47) ngokuziphatha okungafanele kwabadlali bayo nezikhulu.”