Indumalo kuphinda kumiswa ikhonsathi kaKeyshia Cole
SEKUPHINDE kwamehlela okuke kwamenza phambilini uKeyshia Cole ukuthi kuhoxiswe ikhonsathi yakhe kuleli.
Lesi sihlabani somculo weR&B sesiphinde sahlangabezana neshwa lokuthi ikhonsathi yakhe lapha eNingizimu Afrika ihoxiswe.
Sekungokwesithathu kwenzeka lokhu.
Ukuhoxiswa kwale khonsathi ebibhekwe ngamehlo abomvu kuvezwe ngabagqugquzeli bayo bakwaGlen21 Entertainment.
Ngokwesitatimende sabo, bathe uKeyshia Cole bekufanele azonandisa kuleli ngo-April 26 kuya ku-28 eBig Top Arena eCarnival City, eSunBet Arena ePitoli, naseGrand Arena eGrandWest eKapa.
Bathe ukuhoxiswa kwale khonsathi kube ngenxa yokuthi ithimba laleli ciko licele ukuthi ithi ukuhlehliswa.
Bathe isizathu salokhu ukuthi bafuna kuqondaniswe nezinsuku zohambo lwakhe oluzayo.
Lesi sinqumo sethimba likaKeyshia Cole senza ukuthi kube yidlandla lesithathu manje kubambezeleka ukuzonandisa kwakhe lapha eNingizimu Afrika.
Okokuqala kwenzeka ngoSeptember 2024.
Lapho kwabe sekuhlelwa ukuthi afike ngoJanuary kulo nyaka, nakho kwabhuntsha njengoba sekuyilokhu kwakamuva.
AbeGlen21 Entertainment baxolise kakhulu baphinda bazwakalisa nokudumala.
“Siyaxolisa kakhulu ngokuphoxa abalandeli,” kusho uGlen21 esitatimendeni.
Bathe labo abese bethenge amathikithi bazoxhumana nabo ngqo ngama-email ukuze bakwazi ukuthola lonke ulwazi nemiyalelo yokubuyiselwa kwabo imali yabo,
Bathembise ukuthi lokhu kuzokwenzeka ngesonto elizayo.
UKeyshia Cole uzakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzona ethi Sent from Heaven, The Way It Is nethi I Don’t Wanna Be in Love.
Iningi labalandeli balesi sihlabani bezwakalise ukuphoxeka nokunganikwa isithunzi ngokulokhu okulukhe kwenziwa ngababathembisa ukuletha lo mculi kuleli.
Iningi labo libhale ezinkundleni zokuxhumana likhombisa ukungakujabuleli ukunikwa amathemba angafezeki minyaka yonke.
Okubadine kakhulu wukuthi sekungokwesithathu kwenzeka kanti bakholwa wukuthi lokhu kwenziwa ngoba i-Afrika ibukelwa phansi ngamazwe aphesheya

