Izindaba

Igwetshwe iminyaka engu-12 inkosi yakwaMlaba ngelokubulala

ISIZWE sakwaMlaba esicebile ngasoLundi enyakatho yeKwaZulu-Natal sisale dengwane singenaye umholi ngemuva kokuthi iNkosi yaso ngoLwesine igwetshwe iminyaka engu-12 ibhadla ejele ngecala lokubulala. 

ISunday World ibike ukuthi, iNkantolo yesiFunda yasoLundi igwebe iNkosi uBongani Mlaba kulandela ukuqulwa kwecala eliqale ngonyaka odlule. 

Icala lilandela isigameko esenzeka kwaMlaba ngesikhathi kunomcimbi ngoMarch 2023.

Useqalile ukudonsa isigwebo sakhe ejele laseNcome eduze kwedolobha elibandayo laseGlencoe. 

Idolobhana lakhiwe engxenyeni esenyakatho yesifundazwe neyaziwa ngokuba nomphakathi onokuthula nozwanayo.

Ngesonto eledlule, inkantolo yamthola enecala, nebheyili yakhe yahoxiswa. 

Wagqunywa ejele kusalindwe ukukhishwa kwesigwebo.

Ukulahlwa kwakhe yicala kulandela isigameko sangoMarch 2023.

Kulapho uMlaba adubula wabulala uPhakamani Dubazane (31). 

Umufi ubengomunye womakhelwane bakhe, nowagcina ephenduke isisulu sakhe uMlaba.

Kubikwa ukuthi isigameko sokudubulana sadalwa yingxabano phakathi kukaMlaba noDubazane. 

Nakuba kuthiwa kwaba nengxabano, kunempikiswano mayelana nemininingwane ngayo leyo ngxabano eyagcina ikhiphe isidumbu.

Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, uMlaba ubendumezulu yomcimbi ehlabile kwakhe.

Kuthiwa uDubazane nabangani bakhe bafika bezoqomisa izintombi ezazithe chithi saka emcimbini.

Lokho kwasusa umsindo njengoba kuthiwa uMlaba akakuthandanga.

Isiphithiphithi sabe sesisuka ngokukhulu ukushesha.

UMlaba waphuma waxosha uDubazane nabangani bakhe ethi bayahlupha emcimbini wakhe

Nokho, banqaba ukwenza njalo bangahamba. 

Kube sekuba nokujikijelana ngamazwi okwaholela ekutheni uMlaba ahluleke ukuzibamba adonse isibhamu adubule eqondise kuDubazane.

Kodwa umndeni wakwaDubazane uyakuphikisa lokho,

Uthi akusilo iqiniso okushiwo ngelungu lomndeni walo elingasekho emhlabeni.

Umndeni uthi, uDubazane nabangani bakhe babeme ngasesangweni lakwaMlaba, belinde ukuthi bangeniswe ngaphakathi njengoba kwakusindwe ngobethole.

Akwaziwa okwacasula uMlaba njengoba waphuma waphuma kungonakele lutho wavulela ngenhlamvu waqondisa ngala kwakumi khona umufi.

Umndeni kaDubazane uthi, indodana yabo yalimala kanzima kulesi sehlakalo.

yaphuthunyiswa esibhedlela sendawo kodwa yagcina ngokushona.

Induna yesizwe sakwaMlaba, uMnuz Mntonjani Khali, ayizange iphawule ngesikhathi ibuzwa ukuthi bazosiphikisa yini isigwebo noma cha.