Sekuqubule umsindo ukubonakala kowoMkhonto Wesizwe ePhasikeni likaBushiri
SEKUQUBUKE umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngokubonakala kukaNobhala-Jikelele wo-Mkhonto weSizwe Party (MKP) ethamele inkonzi yePhasika ebandleni likaSheperd Bushiri.
NgoMgqibelo, uFloyd Shivambu uhambele inkonzo yomkhosi wePhasika ebandleni likandabamlonyeni woMphrofethi uShepherd Bushiri.
Le nkonzo ibibanjelwe ebandleni likaBushiri i-Enlightened Christian Gathering (ECG) eLilongwe eMalawi.
UShivambu ubehlezi endaweni yezicukuthwane.
Le nkonzo ibisakazwa bukhoma ezinkundleni zokuxhumana.
Kuyona kuhlale obala ukuthi uShivambu ubalulekile ngoba uphinde wabingelelwa ngemfudumalo nguBushiri uqobo.
Umethule kubazalwane, maqede kwaduma ihlombe bejabulela ubukhona bakhe.
Lokhu kwenze igama likaShivambu liqhwakele kulawo asezihlokweni ezisematheni ngenxa yalokhu.
Nakuba kunjalo, kodwa kubukeke ekushaye indiva ukugxekwa yilabo abangahambisani nohambo lwakhe.
Kunalokho ubhale ku- X (obuwaziwa ngelikaTwitter) umlayezo awuqondise kuBushiri.
Uthe: “Ngiyabonga mfowethu, Mphrofethi uBushiri ngokusiphatha kahle nangamazwi anomusa,” kuqala inkulumo kaShivambu.
” Sibonga nangomsebenzi omuhle owenzayo ukufukula abantu bakithi kwezomnotho, kwezemfundo, kwezenhlalo nangokomoya alinakho ukuqhathaniswa nalutho emlandweni.
“Ngiyazi ukuthi ubuholi kanye nabantu baseMalawi bayazazi futhi bayazazisa izinhlelo eziningi ozenzela abantu abaphansi.
“Qhubeka wenze umsebenzi omuhle, “
Incwadi ithi, “Ububele bompofu buyimali ebolekiwe kuJehova, futhi uyobuyisela kobolekayo.” Inkosi ikubusise,” phetha uShivambu.
UBushiri uphendule ngokubonga anconcoze.
Kwenzeka lokhu nje ezinsukwini eziyisithupha ezedlule umsakazi uMbuyiseni Ndlozi ubevakashele khona e-University of Malawi emcimbini obungaphansi kwendikimba ethi People Over Politics.
Kulapho uNdlozi ebuze ngokuziphatha kwabezenkolo abaqongelela ingcebo.
Inkulumo nemibuzo kaNdlozi ihunyushwe njengebigudla uBushiri ngoba nakuba engamgagulanga ngegama kodwa ibibuza ukuthi umcebo uwuthatha kuphi.
Ukugudla kwakhe uBushiri kubukeke sekushayisana nokunconywa kwakhe wuShivambu njengoba kwenzekile namuhla.
Kuzokhumbuleka ukuthi uBushiri, wabaleka eNingizimu Afrika ngo-2020 ngesikhathi engaphandle ngebheyili ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa nokushushumbisa imali.
Kulezi zinsuku uBushiri ulwa eyokuthi agcine engabuyelile ukuzoqula kuleli.
Ngaphezu kwalokhu kunamacala esehoxisiwe njengoba ebengu-13 phambilini, maje kusele ayishumi.
Emasontweni adlule, iChief Resident Magistrate Court eMalawi inqume ukuthi uBushiri nomkakhe uMary kufanele babuyiselwe kuleli bazobhekana namacala abo.
Yize kunjalo, uBushiri wadalula ukuthi ngeke alubhade kuleli ngosizo lethimba labameli bakhe.

