Izindaba

UTrump uhlela ukuvala ihhovisi lenxusa eliseThekwini

UHULUMENI oholwa ngumengameli uDonald Trump wase-United States of America (USA) uhlela ukuvala ihhovisi lenxusa lezwe lawo eliseThekwini.


Lesi sinyathelo siza ngesikhathi imimoya iphakeme phakathi kweNingizimu Afrika ne-USA.


Ngokombiko weNew York Times, lesi sinqumo asizothinta elakuleli kuphela kodwa namanye amazwe angu-30 ezwenikazi i-Afrika.


Lo mbiko uqhuba uthi lesi sinqumo singenxa yokucubungula ukwehla kwezinga lokuthakaselwa kwabase-USA kula mazwe abawahlonzile.

Lesi sinyathelo siyingxenye yohlelo olubanzi lokunciphisa isabelomali soMnyango Wezwe cishe ngo-50%.

Ngokomqulu wangaphakathi woMnyango WezoMbuso, ukuvalwa okuhlongozwayo kuhlanganisa amanxusa aseLesotho, Eritrea, Central African Republic, Republic of Congo, Gambia naseSouth Sudan.

Ukwengeza, amanxusa aseThekwini, eNingizimu Afrika, naseDouala, eCameroon, azovalwa thanqa.

Imisebenzi eyenziwa kulama gatsha ingase iyiswe emazweni angomakhelwane.

Abangahambisani nalesi siphakamiso baveza ukukhathazeka ngokuthi lokhu kungase kunciphise ithonya i-USA enalo e-Afrika.


Baqhuba bathi lokhu akuzokuba kuhle ikakhulukazi njengoba amanye amazwe anjengeChina, eqhubeka nokwandisa ubukhona bawo e-Afrika. 


Bathi ukuvalwa okunjalo kungase kuthikameze ubudlelwano bezobuzwe, ubambiswano lwezomnotho, kanye nokukhuthazwa kwezimiso zentando yeningi.

Uhlelo lwabaphathi luhlanganisa nokuvalwa okungaba khona kwamanxusa emazweni ase-Europe njengeMalta neLuxembourg.


Akhona nambalwa amazwe ase-Asia angahle athole amachaphazelo kulezi zinguquko eziphuthumayo zikaTrump.

Kwenzeka lokhu nje, amaphaphu aphezulu odabeni lamahhovisi enxusa ase-USA asemgwaqeni uRivonia eGauteng.

Lo mgwaqo ungase ugcina ushintshwe igama uqanjwe ngesishoshovu samalungelo abantu uLeila Khaled wasePalestine.

Uhulumeni wase-USA awuhambisani nalezi zinguquko njengoba uzwelana nabakwa-Israel okumanje basempini nePalestine.

Ngakolunye uhlangothi uhulumeni wakuleli ufake isimangalo enkantolo i-International Court of Justice umangalela i-Israel ngokubhuqabhuqa abasePalestine.

Leli cala selidale ukubukana ngeziqu zamehlo phakathi kweNingizimu Afrika i-USA kanye ne-Israel.

Nyakenye i-USA usongele elakuleli ngokuligila uma ingalihoxisi leli cala kodwa iNingiziomu Afrika ayikwenzanga lokho.