Akanendaba nabagxeka istayela sakhe sokugqoka uBragga
UZIFAKE zonke enyameni umrepha ogxekwa ngokugqoka kancane nokuveza kakhulu izingxenye ezisesithe zomzimba.
UNadia Nakai odume ngelikaBragga kubalandeli bakhe, ucele abagxeki bakhe baphume ezindabeni zakhe.
Lo mrepha uziphendulele ngokufaka ivideo ku- X (obuwaziwa ngoTwitter) namuhla emini.
Uziphendulela nje kulandela ukuthi kube khona okuthi uma efake izithombe zakhe bamnamathele bamgxeke.
Isiwombe sakamuva ngesakuthangi lapho ebefake ihembe nebhulukwe abelitebhise kakhulu.
Iphenti elimnyama abeligqolile beliveza umnsinsila obala nezinqe. Empeleni sekuvamile ukuthi agqoke okusuke kuzoveza obala izingubo zangaphansi nezinqa obala.
Ngenxa yalokhu, kube khona abamgxeka ngokuthi usekhulile ukuthi angagqoka ngale ndlela.
Ku-X igama lakhe ligcine liqhwakela phezulu kwasematheni ngenxa yokugqoka kwakhe.
Ukugxekwa kukaNadia kwenze abanye bathi wayengafanelene nhlobo no-AKA njengoba egqoka ngale ndlela.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNadia wayethandana nesihlabani somrepha u-AKA nongasekho emhlabeni.
UNadia uthe ” Onenkinga nendlela engigqoka ngayo akahlukane nokubuka izithombe zami ngoba ngeke ngiyeke.”
Uqhube waphendula nalaba abebemkhuza ukuthi sifundo sini asifundisa indodakazi ka-AKA, uKairo uma egqoka ngale ndlela.
” Nikhuluma sengathi uKairo uhlalela ukuba sezinkundleni zokuxhumana, uKairo ingane eneminyaka eyishumi qha, unabazali abanomthetho.
” Phumani kuKairo nasempilweni yami,” kusho uNadia.
UNadia akamusha emculweni njengoba ebalwa nabanye besifazane abavelele kulo munxa.
Uzakhele igama ngezingoma okubalwa kuzona ethi Kreatures, More Drugs, Naaa Meaan nethi Imma Boss.
Kulezi zinsuku umatasa uveza amazwibela evideo engoma yakhe azoyikhipha kulezi zinsuku.

