Akukho cala elizobekwa uShivambu ngokuvakashela uShiburi
UNGQONGQOSHE wezoBulungiswa uMmamoloko Kubayi uthi uhulumeni ngeke abeke icala uNobhala Jikelele woMkhonto weSizwe uFloyd Shivambu ngokuhlangana nombaleki, umprofethi uShepherd Bushiri.
UKubayi ukusho lokhu engxoxweni abe nayo esiteshini sethelevishini iNewsroom Afrika.
Ubephendula ngodaba olusematheni lokwethamela inkonzo yePhasika kukaShivambu ebandleni likaBushiri eLilongwe eMalawi.
Nakuba uKubayi ethe uhulumeni ngeke umbeke cala kodwa uthe okwenziwe yilo mholi kukhombisa ukubukephansi iNingizimu Afrika.
Ngempelasonto, udaba lokuhambela ibandla likaBushiri okwenziwe nguShivambu kube sematheni futhi wathola ukugxekwa ngakho.
Imbangela enkulu bekuwukuthi uBushiri nomkakhe uMary bangababaleki kuleli.Babaleka ngo-2020 ngemuva kokunikwa ibheyili kaR200,000 yinkantolo yemantshi ePitoli.
Phakathi kwemibandela yesicelo sebheyili abayinikwa yinkantolo kwaba wukuthi bangalinge baphumele ngaphandle kwemingcele yeNingizimu Afrika.
Kunalokho kwabonakala ngoBushiri esebhale kuFacebook ukuthi usekwelakubo eMalawi nokwaba yicala.
UBushiri, unkosikazi wakhe uMary, uLandiwe Ntlokwana Zethu noWillie Mudolo, babhekene namacala okweba, ukushushumbisa imali nokukhwabanisa mayelana nohlelo lokutshala imali luka-R100m.
Izolo, uMkhonto WeSizwe Party uziqhelelanisile nokuhambela inkonzo kaBushiri wuShivambu.
IMKP ithe ibingenalo ulwazi ngalolu hambo.Iqhube yathi yona iyawazisa futhi iyawugcina umthetho futhi ayihambisani nobugebengu.
IMKP ize yanezela ngokuthi umholi wayo uJacob Zuma waboshwa kungafanele, akazange ayibalekele ingalo yomthetho.

