I-DA izomashela inkinga yokuntuleka kwamanzi kwaDukuza
KUHLELWE umbhikisho wokukhononda ngokuntuleka kwamanzi ezindaweni eziphakelwa wumasipala iLembe.
IDemocratic Alliance (DA) ithi ihlele ukuthi lombhikisho ube ngoLwesithathu kuleli sonto kanti uzoqala ePeople’s Park ngo-9 ekuseni.
Okwenza leliqembu lisukumele lolu daba wukhathazeka ngendlela amanzi antuleka ngayo kule ndawo ebuswa yi-ANC.
IDA inxenxa wonke amalungu omphakathi abuzwayo ubuhlungu balesi simo esilokhu siqhubekile ukuthi basisukumele.
UMholi wethu wesiFundazwe saKwaZulu-Natal uFrancois Rodgers nophinde abe yilungu lephalamende, ugqugquzele umphakathi ukuthi uphume ngobuningi bawo ngoLwesithathu.
Kwivideo efakwe la ekhuluma khona ngalo mbhikisho, uRodgers uthi sekushaye isikhathi sokuthi izwi lomphakathi lizwakale ngalolu daba.
Uthe bazogcwala imigwaqo yaKwaDukuza belwela ukuqedwa kwenkinga yamanzi eqhubekayo esifundeni seLembe.
Uqhube wathi beyiDA bafuna ukukubeka kucace ukuthi ngaphandle kwamanzi, akunampilo.
Uthe bazohambisa incwadi yezikhalazo emahhovisi kamasipala iLembe.
Incwadi izoba nomlayezo othi kwanele ngokuqedwa nokuntuleka kwamanzi.
Umasipala awube nesisombululo kule nkinga ehlalise kabi umphakathi.
kwemithombo ehlala ngaphansi kwalo masipala, udaba lokuphela kwamanzi sekuyisinkwa semihla ngemihla.
Ukunqamuka kwamanzi okuqhubekayo esifundeni iLembe sekuqubule ukukhungatheka kubahlali, abalokhu bekhala ngokungaqhamuki kwesisombululo sale nkinga.

