Indida ngokumiswa kwesikhulu seNetball South Africa
SEKUQUBULE imibuzo ukumiswa isigubhukane kukamengameli we-Netball waseNingizimu Afrika uCecilia Molokwane.
Imibiko esabalele kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule isiqinisekisile ukumiswa kwakhe, kodwa iNetball South Africa (NSA) ithi ayiwazi amacala abekwe wona.
UMolokwane usebenza njengomongameli we-NSA kanye ne-Africa Netball futhi usebhodini lenhlangano yamazwe ngamazwe.
Kusolwa ukuthi ukumiswa kwakhe kungenxa yezinsolo zokuthi “ususa abantu ngendlela ethile abasola ngokuthi ngeke bamsekele uma esekhankasela ihlandla lesithathu njengomengameli okhethweni lweNetball SA lwalo nyaka.”
I-World Netball iphinde yaxwayisa ngokuthi iNingizimu Afrika ingase imiswe njengesizwe uma i-NSA ivumela uMolokwane ukuthi aqhubeke nomsebenzi wakhe, njengoba kusalindwe ukuqondiswa kwezigwegwe.
Iphini likamengameli we-NSA uMami Diale usebhalele omengameli bezifundazwe nosihlalo bezifunda ukuthi bakhulume ngalolu daba.
Encwadini, uthi usethathe izintambo kwi-NSA ngesikhathi esalinde ukucaciseleka kwi-World Netball mayelana nokumiswa kukaMolokwane.
“Iphini likamengameli lizoba nesibopho sokuqinisekisa ukuqhubeka kwayo yonke imisebenzi ehleliwe.
Lokhu kuzokwenzeka kuze kube yilapho umengameli egunyazwa ngokusemthethweni ukuthi aqhubeke nomsebenzi,” kusho uDiale encwadini ethunyelwe ngoMgqibelo.
“I-World Netball yazise ngokusemthethweni ibhodi ye-NSA ukuthi isibeke umengameli we-NSA, i-Africa Netball nelungu lebhodi le-World Netball (Molokwane) ngaphansi kokumiswa okwesikhashana.
“Lokhu kuzokwenzeka kusalindwe umphumela wophenyo lwangaphakathi kanye nokuqondiswa kwezigwegwe.
“I-(NSA) ixoxisana ne-World Netball ukuze icaciselwe kabanzi ngalolu daba.”
Nakuba kunjalo kodwa asikwazi ukuthola eminye imininingwane ngezinsolo eziholele ekutheni kumiswe ukumiswa… (i-NSA) iphakamisa ubuqotho nokungafihli kwenhlangano ngenkathi iqinisekisa inqubo enobulungiswa nephelele,” kusho uDiale.

