Isililo kudlula emhlabeni uPope Francis wamaRoma
Akasekho emhlabeni uPope Francis.
Ushone eneminyaka engu-88, ngemva kweminyaka engu-12 ehola ibandla lamaRoma LamaKatolika.
UCardinal weVatican camerlengo uKevin Farrell umemezele lezi zindaba ngoMsombuluko.
Isikhulu esiphezulu eVetican sithe: “Impilo yakhe yonke yayizinikele enkonzweni yeNkosi neBandla layo.
“Wasifundisa ukuphila okubalulekile kweVangeli ngokwethembeka, isibindi, nothando lomhlaba wonke, ikakhulukazi kwabampofu kakhulu nabacindezelwe kakhulu.
“Simbonga kakhulu ngokuba yisibonelo esihle nanjengomfundi weqiniso weNkosi uJesu.
“Situsa umphefumulo kaPapa uFrancis othandweni olungapheli, lwesihe lukaNkulunkulu.”
UPhapha wangeniswa esibhedlela eGemelli ngoFebruary 14 nokuyilapho ehlale izinsuku ezingu-36 elashwa.
Ubelwa nesifuba somoya esiholele ekutheni agcine eba nenkinga yokungakwazi ukusebenza kahle kwezinso.
Ngokombiko, uPhapha Francis, obesephethwe amahlalakhona, ugcine ngokuthi asuswe ingxenye yephaphu elilodwa esemncane.
Izolo, uPhapha Francis umangaze abaningi eqhamuka ukuzobungaza iSonto lePhasika.
Lolu suku olwandulele ukudlula kwakhe emhlabeni, uqhamuke ezobusisa izinkulungwane zabantu eSt Peter’s Square.
Abaningi bajabulele ukuzobusiswa nguye kulo mgubho omkhulu wePhasika.
Babaze ubumnene nothando lwakhe nangendlela abaphathe ngayo.
UPhapha, wazalelwa enhlokodolobha yase-Argentina iBuenos Aires njengoJorge Mario Bergoglio.
Ube ngumuntu wokuqala ovela emazweni aseMelika ukuthatha lesi sikhundla ngemuva kokungena esikhundleni sikaBenedict XVI ngo-2013.
Ufunde esikoleni samabanga aphakeme ezobuchwepheshe i-Escuela Técnica Industrial.
Wathola iziqu zobungcweti bamakhemikhali ngaphambi kokuba achithe iminyaka embalwa enguchwepheshe wokudla e-Hickethier-Bachmann Laboratory.
Uke wasebenza njenge-bouncer, janitor, ngo-1958 wajoyina iSociety of Jesus – eyaziwa ngamaJesuit – ngo-1958.Â
Ukhuphukele eBandleni lase-Argentina ngaphambi kokwenziwa uKhadinali nguPope John Paul ngo-2001.

