Ezokokungcebeleka

Owaduma kwiSkeem Saam nomlayezo kwabamgxekayo

Umlingisi owazakhela udumo kwiSkeem Saam, osanda kuphumela obala ngezinkinga zezimali zakhe, useziphendulele kwabamgxekayo ngokuphumela obala ngezinselelo zakhe.

UPebetsi Matlaila, uthi laba anenkinga nokukhuluma kwakhe ngezinkinga zakhe okubalwa kuzona ezemali nendawo yokuhlala abamyeke.

” Ukube ngathula ngangaphumela obala ngabe angilutholanga usizo abanye abanginike lona,” kusho uPebetsi.

Phakathi kosizo athi useke waluthola ngolothile angamdalulanga omthengele ilaptop ukuze akwazi ukwenza eminye imisebenzi.

” Kukhona abanginike amatogo okubahambisela izingane esikoleni, ngithole nemisebenzi ngibhukhiwe uMay wami ugcwele ngoba ngizobe ngimatasa.

Ukuba angikhulumanga ngabe ngilutholile yini lonke lolu sizo,? ” kubuza uPebetsi.

Uveze ukuthi kunabantu abamgxekayo abamyalela ukuthi akayeke ukuneka usizi lwakhe. Abanye bamtshela ukuthi sekwanele angathule.

Udalule ukuthi kunabanye abahamba bemhleba ngezinkinga zakhe kodwa akanendaba konke ukubeka ezandleni zikaNkulunkulu.

Kulabo uthe kukhona ngisho abebengabangani bakhe bokuqina.

UPebetsi uzakhele udumo ngokudlala indawo kaMokgadi Motloga kwiSkeem Saam.

Uqale ukuphumela obala ngezinkinga zakhe ezidale ukuthi agcine esehlala esikhungweni sabahlwempu ngenxa yokweswela indawo yokukhosela.

Ukuphumela kwakhe obala uthi kumsizile njengoba izinto sezikhanya futhi eseyibona nendlela eya empumelelweni.