I-African Bank ihlawuliselwe ukudukisa amakhasimende
I-Financial Sector Conduct Authority (FSCA) isihlawulise i-African Bank ngenxa yesikhangiso esidukisayo.
I-FSCA okuyisikhungo esilawula ukuziphatha kwemboni yezimali, inhlawulise leli bhange isamba semali engu-R700 000 ngenxa yokukhangisa okudukisayo okwephula i-Conduct Standard 3 of 2020.
Lokhu kulandela uphenyo olunzulu ngesikhangiso saleli bhange ezinkundleni zokuxhumana obubizwa ngokuthi #KeFestive, obuveza isitatimende esidukisayo kumthengi.
Ngo-December 2023, i-FSCA yahlonza isikhangiso esasikhuthaza abangaba ababoleki bemali ngegama elithi “It’s not a skoloto chomi! Ke investment”.
NgokweFSCA lesi sidukisa ofisa ukuboleka imali acabange ukuthi yithuba lokuyitshala.
Iqhube yathi ukuqamba amanga okunjalo kungadukisa kakhulu amakhasimende mayelana nemvelo nobungozi obuhambisana nomkhiqizo wezezimali.
I-FSCA inqume ukuthi i-African Bank yephule izigaba ezibalulekile ze-Conduct Standard, okuyisigaba 6(1), 6(3)(a), kanye no-6(3)(b), esigunyaza amabhange ukuthi aqinisekise ukuthi izikhangiso:
Zicacile, zilungile, aziqukethe izinto ezingalungile futhi azinaphutha.
Ngaphezu kwalokho, ukushiyeka kuphawulwe ezimisweni zokuphatha ze-African Bank, ikakhulukazi inqubo yokugunyaza izikhangiso.
I-FSCA iqinisekisa ukuthi i-African Bank isikhokhe u-R500 000.”

