INewzroom Afrika imise umethuli wezinhlelo osolwa ngokushaya
INewzroom Afrika isimemezele ukuthi umethuli wezindaba u-Aldrin Sampear uzohoxa okwesikhashana emsebenzini wakhe.
Lesi simemezelo singenxa yesigameko sokubonakala kwivideo ehilizisana nowesifazane
esigamekweni esenzeke eRandburg ngoLwesine olwedlule.
U-Aldrin, uzolinda ekhaya njengoba kusalindwe ukubuyekezwa kwangaphakathi, ngenxa yezinsolo zokushaya zakamuva.
Esitatimendeni esikhishwe yiNewzroom Afrika, izibophezele ekuphenyisiseni lezi zinsolo njengoba ithi izibona zibucayi.
” Lezi zinsolo zibucayi futhi sizosebenza ngokukhulu ukushesha ukwenza isiqiniseko sokubhekisisa lolu daba,” kusho iNewzroom Afrika.
U-Aldrin uvulelwe icala lokushaya ngenxa yalesi sigameko.
Icala livulwe ngumfundi uLaricia Augusto (20) waseGoli.
ULaricia Augusto, ucashunwe kwiCitizen ethi wayeya enyuvesi ku-Jan Smuts Avenue ngesikhathi sesigameko.
“Ngangikulayini wesokunxele, kanti yena ubehamba ngesivinini ngemuva kwami kwesokudla.
Uthe ukuma kwetekisi eyayihamba phambi kwakhe kwadala ukuthi abuyele kwesokudla.
Uthe ngaphambi kokwenza njalo wenza uphawu lokuya ngakulolu hlangothi.
Ngalokhu uthi wakwazi ukumphephisa u-Aldrin njengoba ayehamba ngesivinini.
Uqhuba uthi : ” Wavele wanamathela kubhampa wami, ememeza ngentukuthelo.
” Ngangingazi ukuthi inkinga yakhe yayiyini, kodwa ukuze ngigweme umsindo, ngabuyela emzileni wesobunxele ukuze ngimvumele adlule.
” Yilapho-ke izinto zaba zimbi khona.”
Uthe okwadala ukuphakamela kemimoya kwaba wukwehla kuka-Aldrin emotweni ememeza ediniwe.
Lo wesifazane usola u-Aldrin ngokumbambha ngengalo nokumphusha esifubeni.
Lokho kwamenza wanovalo lokuthi angahle amlimaze.
Okunye athi kwacika u-Aldrin wukuthi wamphakamisela umunwe ophakathi nendawo.

