Kuboshwe osolwa ngokuba wudokotela mbumbulu eChatsworth
\
Amaphoyisa aseBayview abophe owesilisa oseqinile ngezinsolo zokusebenza udokotela eHavenside Drive eChartswoth eThekwini.
.Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal Colonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuboshwa komlisa obezenza udokotela.
UNetshiunda uthe umsolwa wesilisa (51) uboshwe ngenxa yokwephula umthetho iHealth Profession Act ka-1974, ngemuva kokutholakala esebenza njengodokotela ngaphandle kokuba nezicucu ezifanele.
“Umsolwa uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseChatsworth ngoLwesine, 17 April 2025, icala lahlehliselwa usuku lwanamuhla.
Umsolwa waboshwa lapho ayesebenza khona eHavenside Drive ngoLwesine, 16 April 2025,” kusho uNetshiunda.
Ngokombiko wamaphoyisa, lo mlisa udumile kanti futhi uselaphe inqwaba yabantu abazinikela kuyena uma begula.
Ngokwemithombo, amaphoyisa kanye nabaholi bomphakathi baphume ngobuningi babo bezozibonela ngawabo.
Kuthiwa umsolwa wazisondeza emndenini wodokotela obehlonishwa kodwa oshone ngo-2020.
Ngemuva kokudlula emhlabeni kwalo dokotela, umsolwa wacela emndenini kamufi ukuthi umvumele aqashe indawo yokusebenzela.
Umthombo uthi ” kusukela lapho, umsolwa wazenza udokotela kwathi umkakhe yena esebenza sakuzenza umhlengikazi.
” Baningi abantu abasinde ezandleni zalo dokotela mbumbulu ngoba wonke umuntu ubemethemba kule minyaka emihlanu esebenza kule ndawo,” kugobhoza umthombo.
Kulapho kuvele khona ukuthi kwayena umkakhe waziwa njengomuntu obezidayisela izimbali,” kusho umthombo
Kuthiwa nangosuku aboshwe ngalo umsolwa, kwakuneziguli ezazilinde ukwelashwa nguye ezasala zinkemile efakwa amasongo kaSigonyela.

