AbeMoja Love baphendula abafuna kuqedwe uhlelo ‘Isencane Lengane’
INGCINDEZI yamalungu omphakathi nezinhlaka ezilwa nokuhlukunyezwa kwabantu isiyenze ukuthi abohlelo Isencane Lengane baphawule.
Lolu olusematheni ngenxa yokugxekwa ngezinsolo zokugqugquzela udlame nokuhlukumeza, lusakazwa kuMoja Love.
Uhlelo lungempilo yomndeni wakwaDlamuka nabashadile uThando nomyeni wakhe uSiyacela abashade ngo-2019.
Ababukeli nalezi zinhlangano okubalwa kuzona iWomen For Change, bakhala ngokuthi lugqugquzela udlame nokuhlukumeza.
UMoja Love uchaze ukuthi “Isencane Lengane” kuwumbukiso ongokoqobo okhombisa ngezingqinamba nezinkinga ezikhona emphakathini.
Bathe lolu hlelo luhlola futhi luqwashisa abantu ukuba babambe iqhaza ezinkulumweni ezimayelana nokuhlukunyezwa ngokobulili.
” IMoja Love izichaza njengesiteshi esingahambisani nezenzo zodlame nokusabisa,” kusho isitatimende sesiteshi.
Esiqeshini esisakazwe ngeSonto, April 20 nonyaka, kuqubuke ingxabano ngesinqumo sikaSiyacela sokuthatha unkosikazi wesibili.
Ukushuba kwengxoxo kugcina kuveze uSiyacela obonakala egaklaza inhlamba kuThando nabadala bomndeni.
” Nakuba isiqephu esisakazwe ngeSonto, 20 April 2025 sicasula abanye ababukeli, lesi siteshi asikhuthazi ukuhlulumeza.
” Kuyiqiniso ukuthi isiqephu siveze izingqinamba ezijulile nemibono ethinta nesithembu nakuba bekungalulekwanga.”
UMoja Love uphinde waveza ukuthi basaqhubeka nokweseka uThando namalungu athintekayo ngokwengqondo.
Isiteshi sithole izikhalo ezahlukene ezifakwe ku-Broadcasting Complaints Commission of South Africa (BCCSA) nomnyango wabo wezomthetho obhekelela lezi zikhalo.
Akuqali ukuthi lesi siteshi sithole inqwaba yezikhalo zomphakathi ngenxa yalolu hlelo.
Ngo-2023, i-BCCSA yahlawulisa i-Moja Love R50,000 ngoba idebeselele “ukulungisa izingxenye eziqutheke udlame” kulolu hlelo. Lokho kwabuye kwachithwa.
Iqembu elimela abesifazane i-Women for Change liphakathi kwamazwi anxusa ukuba kumiswe uhlelo unomphelo.
“Okwenziwa kulolu hlelo kuyingozi.
Ngokusakaza ukuhlukunyezwa okunjalo ngaphandle kokungenelela okwanele nokuziphendulela, i-Moja Love yenza udlame lubukeke luyinto noma isimo esijwayelekile,” kusho iWFC.
Ithe lolu hlelo luthumela umyalezo olimazayo wokuthi ukuhlukumeza kwamukelekile uma kulethela isiteshi ababukeli.”

