Owaduma kuMuvhango ubhekene nezinsolo zokukhwabanisa
ISIMOMONDIYA somlingisi kuthiwa sibhekene namacala okukhwabanisa.
Umsolwa kulolu daba uBuhle Samuels kanti ubephambi kweNkantolo yeMantshi yase-Alexandra.
UBuhle owagqama kakhulu kuMuvhango wakuSABC2, kuvela ukuthi ubebhekene nenkantolo ngezinsolo zokukhwabanisa nawomkokotelo athinta imoto iPorsche SUV.
USamuel, owaziwa ngokuphila impilo yobukhazikhazi, usolwa lokukhwabanisa nokukopela indlela yokusayina ukuze athenge imoto yezinga eliphezulu.Â
Udaba lwePorsche SUV ebalwa kulolu daba, yaba sematheni eshutha nayo maqede wafaka izithombe ezinkundleni zokuxhumana njengesipho sosuku lwakhe lokuzalwa.
I-Porsche okukhulunywa ngayo iyabonakala ku-Instagram wakhe.
Wafaka lesi sithombe ngo-Agasti 2024 lapho lo mlingisi abhala khona ukuthi ” Isipho sangaphambi kosuku lokuzalwa. Kusukela Kimi kuya Kimi”.
Iziphathimandla seziyithathile le moto okumanje igcinwe njengobufakazi njengoba kusaphenywa.
USamuels kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngomhlaka-16 May 2025.
Ephawula kwiMaphephandaba, lo mlingisi ukuqinisekisile ukuthi udaba lusenkantolo futhi uyaphika ukuthi kukhona okungalungile akwenzile.
“Izinsolo zingamanga,” esho, enezela,
“Iqiniso lizoziveza ngokuhamba kwesikhathi.”

