Usexolisile owesifazane omhlophe owathi amadoda amnyama awabulawe
USEXOLISILE owesifazane omhlophe owathi akubulawe wonke amadoda amnyama futhi kukhishwe izibeletho zabesifazane abamnyama.
UBelinda Magor, owaqopha izwi lakhe ku-WhatsApp ethi kumele kubulawe amadoda amnyama futhi kukhishwe izibeletho zabesifazane abamnyama, usexolisile ngesenzo sakhe.
UMagor waba sematheni ngezwi lakhe eliqoshiwe elasabalala kuWhatsApp.
Kuyona wayethi akubulawe wonke amadoda amnyama futhi kunqunywe izibeletho namaqanda abantu besifazane abamnyama ukuze “ bangakwazi ukuzala ngoba babi kakhulu kunamaPitbull”.
Lokhu wakusho kuWhatsApp Group yabanikazi bezinja amaPitbulls ebizwa nge-Pitbulls Be My Voice, ngoNovemba 2022.
Ku-voice note, wayezwakala ethi amadoda amnyama “mabi kakhulu kunamaPitbull”.
UMagor wezwakala ethi : “Estelle, ngivumelana nawe ngenhliziyo yami yonke. Engikushoyo, ukuvinjelwa komuntu omnyama. Badlwengula, bantshontshe, futhi babulale, okubi kakhulu kunanoma iyiphi i-pit bull, futhi bayabaleka.”
“Vimbelani labo abenza imithetho, valani Ekurhuleni, valani abantu abamnyama.
“Thola bonke abantu besifazane abamnyama bese ubasika izibeletho namaqanda angakwazi ukuzala ngoba bonke bazofana ngoba bayafana … ngiyazifela ngalokhu.
“Bavimbeni, babulaleni, nibadubule, nibaxoshe ngoba bayinkinga, hhayi amaPitbull, hhayi izilwane.
“UNkulunkulu wadala lezo zilwane. Ubani owadala umuntu omnyama? Ucabanga ukuthi uNkulunkulu wenza, angicabangi kanjalo, “kusho uMagor ngaleso sikhathi.
Esitatimendeni esikhishwe izolo iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) ishicilele incwadi lapho kuxolisa khona uMagor emphakathini.
Ifundeka kanje: “NgoNovember 2022, ngakhuluma izinto ezinenzondo kakhulu ngabantu abamnyama baseNingizimu Afrika.
Manje sengiyaqonda ukuthi inkulumo enenzondo lena.
“Nginamahloni kakhulu ngengakusho.
“Ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami, ngithanda ukuxolisa kuwo wonke umuntu engimphathe kabi nangendlela engangibandlulula ngayo abantu abamnyama.
“Lokhu kuhlanganisa bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abansundu baseNingizimu Afrika futhi ikakhulukazi abantu besifazane abamnyama.
“Nginamahloni kakhulu ngengakusho ngabesifazane abamnyama kusuka komunye wesifazane kuya komunye lokhu bekunenzondo nokucwasa okungadingeki.
“Akunasizathu sokuziphatha kwami ngale ndlela.
“Ngiyalivuma icala lami ngokuphelele ngengikwenzile.
“Ngibonga kakhulu ngethuba enginikezwe lona yi-SAHRC lokuhambela ukuqeqeshwa kokuzwela.”
UMagor uqhube wathi : “Angikaze ngibe umuntu onekhono ekubhaleni
“Ngiyathembisa ukuthi ngeke ngiphinde ngikhulume inkulumo enenzondo nebandlululayo nganoma yimuphi umuntu ikakhulukazi abantu abamnyama ezinkundleni zokuxhumana noma esidlangalaleni. “
Isikhulu sezokuxhumana kwa-SAHRC, uGiven Makhuvele, uthe ikhomishana isitholile futhi yakwamula ukuxolisa kukaMagor okunganamibandela.
Lokhu kulandela imiphumela yenkulumo enenzondo, yokwephulwa kweSigaba 10 soMthetho Wokukhuthaza UkuLingana Nokuvimbela Ukucwasa Okungafanele, 2000 (PEPUDA).
UMakhuvele uthe ukulamula odabeni lukaMagor akuphumelelanga.
Uthe ikhomishana yaqhubeka nokumvulela icala eNkantolo yokuLingana ehlezi eNkantolo eNkulu yaseGoli.
Uthe ukuqulwa kwaleli cala kufinyelele esivumelwaneni sokuxazulula.
UMakhuvele uthe uMagor uyayamukela imigomo ephakanyiswe yikhomishini. Lokhu kufaka phakathi ukukhishwa kwesixoliso somphakathi esingenamibandela.
Njengengxenye yesixazululo, uMakhuvele uthe uMagor uzoqeqeshwa ngokuhlukahluka kanye nokuzwela. Uzokwenza nomsebenzi womphakathi.

