Ezemidlalo

Ingqophamlando uRhoo eqokwa ukuba yinxusa leLeeds United

KUQOPHEKE umlando iqembu lebhola lase-England liqoka inkakha yebhola yakuleli ukuba yinxusa lokuqala ngqa emhlabeni.


ULucas “Rhoo” Radebe uqokwe wayinxusa leLeeds United nokuyinto eyenzeka okokuqala ngqa emhlabeni.


Lesi simemezelo senziwe isikhulu esiphezulu kuleli qembu lebhola u-Angus Kinnear ohlelweni lwezemidlalo lukaRobert Marawa iMarawa Sports Worldwide.


URadebe, uqale ukugqama edlala kwiKaizer Chiefs. 


Udumo nenhlonipho kwedlulelile esedlala kwiLeeds United.


KUleli qembu wadlala imidlalo engaphezu kuka-250  phakathi kuka-1994 no-2005.

Ukuqokwa kwakhe abe yinxusa leLeeds United ukuchaze njengesibusiso nokuhlonishwa okukhulu.

“Lokhu kudlula lokho engikunike iqembu,” kusho uRadebe.

URadebe owaziwa ngelikaRhoo nelikaChief kwezemidlalo, uzogxila ekwandiseni udumo lwekilabhu emhlabeni jikelele.


Lokhu uzokwenza kakhulu lapha ezwenikazi i-Afrika.


URadebe uyaziwa ngokuba ngegama elihle ekubeni yinxusa lezinkampani eziphambili okubalwa kuzona iHeineken, Discovery neVodacom ukukha phezulu.

Lesi simemezelo silandela ukubuya kweLeeds kuPremier League, njengoba uRadebe esesiza ekuholeni ukuxhumana kwayo emhlabeni jikelele.