Kufunwa obelethe maqede walahla umbungu egoqweni lezingulube
WETHUKE koma nasozwaneni umfuyi wezingulube ethola umbungu womuntu ekudleni kwezingulube zakhe.
Ngokombiko weGeorge News lesi sehlakalo semzeke eThembalethu eGeorge e-eastern Cape.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseSouthern Cape uSergeant Chris Spies, kutholwe ngezithuba zabo-11:30 eNew Valley, Zone 9, ngesikhathi isakhamuzi sithola umbungu ungaphakathi kwendawo okudlela kuyo izingulube.
Ngokusho kwesinye sezakhamuzi sakule ndawo, kukholakala ukuthi kukhona owesifazane okungenzeka ukuthi wabelethela ekhaya lapho izinto zingahambi kahle.
“[Ngicabanga] ukuthi lo muntu unqume ukulahla usana ebhakedeni lengulube ukuze lidliwe yizingulube,” kusho isakhamuzi.
Likhu kushaqise umphakathi obe usulubika emaphoyiseni udaba.
Ngesikhathi umnikazi wezingulube ethola umbungu womuntu egoqweni lezingulube zakhe uthuke woma.
Kuthiwa lo mbingu ubungaphakathi kwendawo yokudla obekuzodliwa yizngulube.
” Abezimo ezithinta ukutholakala kwalesi sigameko zisaphenywa,” kusho uSpies.
“Sicela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza uphenyo ukuba aphumele obala.”
izingulube.Iziphathimandla zibikelwe ngokushesha, amaphoyisa aseThembalethu afika ngokushesha endaweni yesigameko.
Idokodo lophenyo livuliwe. Icala liphethwe abaseshi baseThembalethu.
Imvelaphi yombungu ayaziwa okwamanje.
Onolwazi uyanxuswa ukuthi athinte uWarrant Officer Lucy van Rensburg ku-044 802 8906 noma i-Crime Stop ku-08600 10111.

