Indoda ena-40 ibophe umngani imsola ngokuyinukubeza
UDINWE ugane unwabu umphakathi waseMeqheleng eFicksburg, eFree State ngenxa yezinsolo zokudlwengulwa kowesilisa wumngani wakhe.
Umlisa oneminyaka engu-40 ubudala uvulele umngani wakhe omkhulu leli cala.
Ngokombiko wephephandaba iThe Guard lesi sigameko sisuse ukukhathazeka ngokuphepha nobulungiswa.
Ngokwemibiko yamaphoyisa, isigameko okusolakala ukuthi senzeke ngoLwesithathu, lapho isisulu bezisijalele siphuza nabangani.
Le njabulo ibisendaweni umlisa ogiliwe kanye nomsolwa abahlala kuyona.
UWarrant Officer Mmako Mophiring uthe ngesikhathi behlangene, kusolakala ukuthi umsolwa waya kumufi wamtshela ukuthi ufuna abe unkosikazi wakhe.Â
Ngesikhathi isisulu senqaba isicelo futhi wamtshela ukuthi yena uyindoda kanti naye nomsolwa ngokunjalo.
Uqhuba uthi umsolwa waba ukuzwa leyompendulo ivela kumngani wakhe wacasuka wanolaka oluyisimanga.
“Umsolwa ube esebamba isisulu ngesidlozana ecasulwe yimpendulo.
“Ube esengqubuza ngekhanda lakhe isisulu. Kuthe isisulu sisadidwe yilokho wasibamba ubuso wasiqabula,” usho kanje.
Umbko uqhuba uthi kuthe kusenjalo umsolwa wasabisa isisulu ngokusigwaza kabi uma sike satshela abanye abantu.
Umsolwa kuthiwa wabe esephoqa isisulu ukuthi sihambe naye wasiyisa emjomndolo oseduze nokuyilapho efike wasigila khona.
Ngemuva kwalokho isisulu sabikela abangani.
Abangani batshele isisulu ukuthi asingabe sisapholisa maseko kodwa sibikele amaphoyisa ngokusehlele.
Nebala siwabikelile, savula necala.
Ngosizo lwamaphoyisa isisulu siyiswe esibhedlela sendawo ukuze siyohlolwa.
Umsolwa uboshiwe kanti ubekwe icala lokuthumba nokudlwengula.
Uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseFicksburg ngoLwesibili.
Icala lihlehliselwe uMeyi 6 ukuze afake isicelo sebheyili ngokusemthethweni.

