Kugxabha izisu emadodeni ngenxa yokhetho lokuchibiyela eMandeni
KUDLALA amadolo emadodeni ngenxa yokusondela kosuku lokhetho lokuchibiyela ku-ward 18 eMandeni.
Lolu khetho olubalulekile kule ndawo luzongenelwa ngamaqembu amane kuphela.
Le ndawo ibamba lolu khetho lokuchibiyela nje, kungenxa yesigameko sokudutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu nokwagcina kudlule nempilo kaPhendukani Mabhida (osesithombeni).
UMabhida wayeyikhansela elaliqhamuka kwi-ANC.
Ukubulawa kwakhe kweza ngemuva kokuthi esatshiswe ngabathile.
UMabhida ubulawe ngoFebruary nonyaka.
Kulolu khetho olubhekwe ngabomvu kuzoqophisana uNkosiyapha Wiseman Zulu we-Inkatha Freedom Party (IFP).
UMkhonto WeSizwe Party (MKP) uzomelwa uLindani Xhakaza.
Ngasohlangothini lwe-ANC kuzoba khona uSanele Khulekani Mathonsi.
I-Economic Freedom Fighters (EFF) ingenelwe uMthokozisi Mathunjwa.
Lolu khetho luza ngesikhathi iMK ingazwile futhi izidlela amahlanga uma kukhona ukhetho lokuchibiyela.
Isigameko samuva esishiye abehluliwe bekhalisa okwama-ambulance sibonakale ku-ward 110 eThekwini lapho izimbangi zisalila namanje,

