Uvalo kunyamalala amaphoyisa amathathu
LUYA ngokudlanga uvalo emindenini nakozakwabo bamaphoyisa amathathu anyamalele.
Ukunyamalala kwalamaphoyisa amathathu sekuholele ekuvulweni kwecala ngenxa yalesi sehlakalo esethusayo.
Lamaphoyisa abengekho emsebenzini ngesikhathi sesigameko.
Abesuka eBloemfontein ejutshwe ngokomsebenzi ukuyoqala emsebenzini esikhungweni esiseLimpopo.
Okufaka uvalo wukuthi kwalapho ebelindelwe khona eLimpopo abafikanga.
Amaphoyisa aphenya icala lokuduna imoto nokuthumba ngemuva kokuduka kwamalungu awo amathathu.
Lamaphoyisa amathathu agcinwe eshayela emgwaqeni u-N1 eGoli.
Bagcine ukubonakala egaraji lakwa-Engen ngaseGrasmere Toll Plaza, behamba ngePolo emhlophe ngoLwesithathu.
Phakathi kwamaphoyisa adukile kukhona amabili esifazane nelilodwa lesilisa.
Abadukile nguConstable Linda Cebekhulu (24), Constable Keamogetswe Buys (30) noConstable Boipelo Senoge (20).
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke u-Athlenda Mathe uthe ubuchwepheshe obusetshenziswe ukulandela imoto kanye nomakhalekhukhwini kuvaliwe.
UMathe usenxuse umphakathi ukuthi ulethe noma yiluphi ulwazi olungasiza uphenyo.
“Sisungule isikhungo sokusebenza sendawo ngokushesha nophenyo olunzulu luyaqhubeka nethimba labaseshi bezinga eliphezulu kanye nabezobunhloli baseGauteng naseFree State abasebenza ngokuzikhandla ukuthola la maphoyisa amathathu.”
Ongaba nolwazi kucelwa athinte uCaptain Chaacha Manga ku-082 527 6099 noma ashayele iCrime Stop ku-0800 10111.

