Izindaba

Kubonwa ngokusa kohlaselwe yimiphundlaphundla yaseVerulem

USINDE ngokulambisa umlisa (35) izinswelaboya zithi ziyaqeda ngaye zimgwaza ebuntwini nasezinqeni emgwaqeni uVenus eRiet River.


Ngokombiko wethimba lezokuphepha lakwaReaction Unit South Africa (RUSA) umlisa obeziyela endaweni yakhe yokufihla ikhanda ugetshengwe maqede wagwazwa endaweni ebucayi.


Lesi sehlakalo esihlasimulisa umzimba senzeke entathakusa yanamuhla.


Nakuba ehlakalelwe yilesi sehlo, isisulu sikwazile ukuthinta leli thimba lezokuphepha ecela usizo.


Utshele ithimba labakwaRUSA ukuthi ubeziphumela endaweni yokucima ukoma eseya endaweni yakhe yokulala.


Uchaze wathi ube esehlaselwa abasolwa abane abamkhombe ngemimese bamfuna ngenkani imali.


Ukwenqaba kwakhe nemali kuholele ekutheni bamenzakalise kabi.


Kulandele ukuthi bamgwaze bephindelela kwesingezansi ebuntwini bakhe nasezinqeni. 


Lokhu kwenzeke izikhathi eziningana.


Abasolwa bathathe imali engu-R470 maqede babaleka.


Ukwazile ukuzidonsa ahambe aze ayofika endaweni yakhe yokuhlala wathinta ithimba lakwaRUSA ecela usizo.


Uphuthunyiswe esingungweni sosizo.


Ngokombiko weRUSA, imiphundlaphundla engabasolwa basagcwele amathafa.