Ezemidlalo

Kugqabuka ifindo lomshado wenkakha eyaduma kwiKaizer Chiefs

KUYAPHELA ngomshado wenkakha esiyathatha umhlalaphansi ebholeni lezinyawo.

Umshado weminyaka engu-21 phakathi kukaJabu Mahlangu nomkakhe uNomxolisi Priscilla Songame usufike kwangqi ngetshe.


ISunday World ibika ukuthi ifindo lomshado walaba usuyefana nento engasekho njengoba sebelala emakameleni ehlukene.


Ukulala ngokwahlukana kwalaba yinto esiqede iminyaka emihlanu njenoba yaqala ngo-2020.

Ngokwemithombo engashayi eceleni, kuthiwa uMahlangu, owaduma ngelikaJabu Pule, usewazisile umndeni wasekhweni lakhe ukuthi liyagqabuka manje ifindo lomshado.

Imithombo, engathandanga ukudalulwa, ithe lo mdlali owake wagijima kuKaizer Chiefs uselahlekelwe yithemba ngenxa yokntengantenga kwalo mshado.

Yize isimo simanzonzo kulo mshado kodwa kuyahlaluka ukuthi akekho ozimisele ukushiya umuzi wabo.


Ngokwemithombo, uMahlangu nguye owanquma ukuwuqeda umshado wabo, okuyinto okuthiwa yadumaza kakhulu izingane zabo zamantombazane ezimbili.


Ukubhidlika komshado wabo kwenzeka ngemuva konyaka ibhange lisabise ngokuthi lingase lidayise umuzi wabo womshado ngemuva kokuba uMahlangu ehluleka ukukhokhela izitolimende zakhe zanyanga zonke. 


Izindaba zokuhlukana kwabo zivezwe ngabasondelene nabo, abadumele ngokuguquka kwezigameko.

“UJabu usemazisile unkosikazi wakhe, umndeni wabo kanye nezingane zabo ezimbili ukuthi useyalele abameli bakhe ukuthi bafake isehlukaniso ngokushesha, uzobe endiza yedwa,” kusho umthombo.

Umthombo opotshoze lolu daba uthi, useveze kaningi ukuthi akasamthandi umkakhe. 


Umshado wabo ubhidlike ngendlela yokuthi ngeke usalungiseka.

“Akazange ayidalule imininingwane nesizathu sokuxabana kwabo, kodwa ukuqinisekisile ukuthi abasahlali ndawonye njengendoda nomfazi,” kusho umthombo.

Umthombo uphinde wathi uMahlangu usezibophezele ekukhokheleni unkosikazi wakhe ongasebenzi imali yesondlo. 


Laba bobabili bavumelene nokwabelana ngempahla yabo ephathekayo futhi bathengise indlu yabo futhi babelane ngemali yokudayiswa.


UMahlangu akazibambanga izingcingo zethu kanye nomyalezo esimthumelela wona.