Sekukhishwe umehlokaboni kaR350 000 kolwamaphoyisa athunjiwe
AMAPHOYISA alapha eNingizimu Afrika asekhiphe umehlokaboni ka-R350 000 kongasiza ngomkhondo wokutholakala kwamaphoyisa amathathu athunjiwe.
Kuleli sonto eliphelile, leli zwe lidukelwe ngamaphoyisa amathathu nokukholakala ukuthi athunjiwe.
Lo mklomelo okhishiwe uzonikwa lowo ozosiza ngolwazi olugcwele ekutholeni amaphoyisa amathathu okusatshwa ukuthi athunjwe.
Amaphoyisa alahlekile ngoConstable Boipelo Senoge (20), Cebekhulu Linda (24) noKeamogetswe Buys (30).Â
Laba bobathathu bagcinwe ngesikhathi besegaraji likaphethiloli eduze kwaseGrasmere Toll Plaza ku-N1 eGauteng.
Lama phoyisa abesuka eBloemfontein elibangise eLimpopo kulandela ukujutshwa ukuyosebenza khona.
Ngeshwa abafikanga lapho bebelindwe khona.
Ngokombiko wamaphoyisa bebengasebenzi ngalolu suku abathunjwe ngalo.
Selokhu lamaphoyisa enyamalele izingcingo zabo kanye nohlelo lokulandela izimoto seluvaliwe.
Lokhu kuqhubekisela phambili ukukhathazeka ngokuphepha kwabo.
Ngesikhathi benyamalala bebehamba ngemoto iVW Polo emhlophe nayo engakafaniswa ndawo.

