Ezokokungcebeleka

Balufuna luvaliwe uhlelo lomsakazi othuke uMinnie Dlamini

BAFUNA luvalwe uhlelo lomsakazi othuke usaziwayo ngesitho sakhe sangasese.


U-Macgyver “MacG” Mukwevho, ubhekene nentukuthelo yabantu bakuleli ngenxa yenkulumo yakhe enenhlabathi.


UMacG wePodcast and Chill esakazwa kuDStv ucasule abaningi ngokuthi isitho sangasese sikaMinnie Dlamini siyanuka.


Ohlelweni lwakhe lwakamuva, lo msakazi nomdidiyeli wakhe uSol Phenduka bakhulume ngezindaba zothando zikaMinnie.


Benze lokhu kulandela ukuhlukana kukaMinnie nobeyisoka lakhe uDkt Brian Monaisa.


UMacG obezwakala esese ngalesi sihloko uthe kungenzeka yini ukuthi “inkomo kaMinnie iyanukanoma yini,” kusho uMukwevho. 


“Uyazi ukuthi lokhu kuyenzeka ikakhulukazi kumantombazane adumile,” enezela.


 Abantu abaningi enkundleni yezokuxhumana u-X (obuwaziwa ngoTwitter) ibacasulile lenkulumo.


Lokhu sekuholele ekudelelweni kukaMacG, uSol kanye nemindeni yabo ngenxa yalokhu.


Abanye bahlabe ikhwelo lokuthi lolu hlelo kufanele luvalwe ngoba luhlalela ukuhudula izithunzi zabanye.

Le nkulumo edelela umuntu wesifazane ikhumbuze abaningi ukuthi sekungamahlalakhona ukuthi uMacG enze nje.


Wenza okufanayo kumculi wePiano uNkosazana Daughter owamfaka kubameli wamfuna uR13 million. 

UMacG wagcina exolisile wakhombisa nokuzisola.