Izindaba

Usegwetshiwe owesifazane olahlwe elokulala indodana

Usegwetshiwe owesifazane olahlwe yicala lokuhlukumeza indodana yakhe esencane ngokocansi.

Owesifazane lona, oneminyaka engu-52 ngeke adalulwe igama lakhe ngenxa yemithetho evikela isisulu asizalayo.

Kutholwe ukuthi ubesekuneminyaka eminingi egila imikhuba endodaneni yakhe esineminyaka engu-16 manje.

Ngokombiko wamaphoyisa, lezi zigameko zenzeke izikhathi eziningi kusukela eneminyaka engu-12 umfana.

Lamahlazo abenzeka emzini walo wesifazane endaweni yabadla izambane likapondo eBayswater eBloemfontein.

Umbiko weNDM News uthi  izigameko zenzeke kusukela ngoFebruary 2020 kuya kuDecember 2023.

Amaphoyisa asamukele ngezandla ezimhlophe isigwebo esinikwe lomzali.

Okhulumela amaphoyisa aseFree State uCaptain Loraine Earle uthe icala libandakanya izigameko eziphazamisayo zokudlwengulwa nokunukubezwa ngokocansi.

Ngokombiko wamaphoyisa, walivuma icala lo wesifazane.

Isisulu sadalula ngokuhlukunyezwa ngesikhathi kuboniswana noqeqeshelwe ukuxoxa nokweluleka abantu ngoFebruary nyakenye.

Lokhu kwaholela ekutheni uConstable Jessica du Preez ophikweni lwe-Parkroad FCS aphenye ngokushesha. 

Kwabe sekuboshwa unina wesisulu wathweswa amacala anzima.

Uphenyo olunzulu lukaConstable du Preez nokushushiswa ngempumelelo okuholwa yiNational Prosecuting Authority, kwenze unina wesisulu atholwe enecala lokuhlukumeza ngokocansi.

Ngesikhathi ikhipha isigwebo inkantolo yeMantshi eBloemfontein, iyalele ummangalelwa ukuthi adonse izinyanga ezingamashumi ayisithupha (60) nokuyilapho ezoqondiswa izigwegwe ngokweSigaba 276 (1) (h) seCriminal Procedure Act. 

NALU OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ibheyili umlisa oxhonxe amehlo intombi ebimala

Ngaphezu kwalokho, imininingwane yalo wesifazane izofakwa ohlwini lukazwelonke lwabephula imithetho yezocansi.

Lolu luhlu lwenzelwe ukuthi labo abenze amacala ocansi bafakwe kulo ukuze lapho behamba khona kuvele.

Uma bekhipha omazisi noma begingqa izithupha, kuzovela ukuthi bake batholwa benecala lokuhlukumeza ngokocansi.

Inkantolo iphinde yamyalela ukuba angaphinde asebenze nezingane.