Izindaba

Lubhekwe ngabomvu ukhetho lokuchibiyela eMandeni

BAZOSALA bencela izithupha abeqembu elingakhankasanga ngokwanele okhethweni lokuchibiyela kusasa ku-ward 18 eMandeni.


Lokhu kungenxa yokuthi amaqembu angenele lolu khetho lokuchibiyela anyuse izinga ngendlela exakile kulokhu.


Lokhu kubonakale kulezi zinsuku lapho wonke amaqembu ebenza imiviliyelo, ehambela abantu emakhaya ebanxenxa ukuba bavotele amaqembu abo.

Imikhankaso iphinda ibonakale nasezinkundleni zokuxhumana nokuyilapho intsha ebhekwe ukuba iyovota ikanise khona.


Kuningi amaqembu akwenzile nokusize umphakathi ukwazi ukubona ukuthi kusasa yiliphi iqembu elifanelwe yivoti lawo.

Amaqembu enze ngokwedlulele yiwo womane azoncintisana nongu-Umkhonto WeSizwe Party, IFP, ANC ne-EFF.


I-MKP izogadla ngoLindani “King Dane” Xhakaza. Kulezi zinsuku amehlo athe nje kwezikaMsholozi njengoba zitalabha kwasani.


Lokhu kusanda kubonakala okhethweni lwakamuva eku-ward 110 eThekwini nakwaDukuza ku-ward 28 lapho iMK ishiye kukhalwa.


UNkosiyapha Wiseman “Sgqoko” Zulu uzomela i-IFP usezakhele igama nokuhlonishwa kule ndawo ngenxa yemisebenzi yomphakathi ayikhuthalele.

USanele Khulekani Mathonsi uzomela inhlangano i-ANC. 


Le nhlangano iya kulolu khetho nje isezinhlungwini njengoba ikhansela ebeliphethe uPhendukani Mabhida adutshulwa wabulawa ngoFebruary nonyaka.


Kulolu khethi kunakeke ukuthi i-EFF egadla ngoMthokozisi Mathunjwa ibingakhuthele kangako uma iqhathaniswa nalawa amanye amaqembu. 


Nokho kungenzeka ukuba ifihle induku emqubeni.