Izindaba

Unqatshelwe ibheyili umlisa oxhonxe amehlo entombi ebimala

WENQATSHELWE ibheyili umlisa oxhonxe ngesi-screwdriver intombi ebimala.


UZenzele Xaba (36) uvele eNkantolo yeMantshi yaseRichmond, KwaZulu-Natal, namuhla ngoLwesibili lapho ebezofaka khona isicelo sebheyili.

UXaba ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza (GBH) nelokuzama ukubulala.

La macala asukela esigamekweni sango-April 16 lapho kuthiwa uXaba wahlasela owayeyintombi yakhe kanye nonina wayo emzini wabo oseMaswazini eRichmond.

Umsolwa usolwa ngokuqale ashaye unina kaBongekile ngaphambi kokuba ahlasele yena uqobo.

Uphinda asolwe ngokuba nesihluku ngokulimaza amehlo womabili nge-screwdriver.

Kumanje umgilwa uyelashwa esibhedlela esiseHarry Gwala District.


UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, ukugxekile ukuhlukunyezwa kwabesifazane.

Ubhale ku-X ukuthi ubekwethamele ukulalelwa kwesicelo sebheyili.


UMchunu uthe lesi sigameko besingafanele neze senzeke.


“Besingekho nakancane isizathu sokuthi leya nsizwa ihlasele le ntokazi ngoba ithi ‘angisakuthandi’, okuyilungelo layo eliphelele,” usho kanje.

UMchunu uncome umphakathi ngokusiza amaphoyisa ngokuboshwa waphinde wasigxeka isihluku esenzeke kulesi sigameko.

“Uhlasele lo wesifazane emzini wakhe, futhi lokho kusho ukuthi… akanamingcele. Akakufanele ukukhululeka.”

UMchunu uthe lesi sigameko sigqamisa isihlava sokuhlukunyezwa kobulili nokubulawa kwabesifazane (GBVF) eNingizimu Afrika.

“Noma ubani ozibiza ngowesilisa oneminyaka emingaki ehlasela owesifazane nganoma yisiphi isizathu, nganoma iyiphi indlela, kungaba ngezandla, ngezibhakela noma ngonyawo nanoma yini, akufanele kuthiwe uyindoda.

“Ungowasejele. Akayena owakithi, futhi uma abantu bethi bakhathele, ngikholwa ukuthi basuke besho lokho.”

Ungqongqoshe uveze ukuthi ithimba lezoBulungiswa, Ukuvimbela Ubugebengu, kanye Nezokuphepha (JCPS) selibuyekeze uhlaka lukahulumeni lokubhekana nezihlava ezifuze lesi.