Izindaba

Uvela enkantolo umlisa ogwaze intombi ebimala

UVELA namuhla enkantolo owesilisa osolwa ngokuxhonxa nge-screwdriver intombi ebisimala.

Umsolwa okuthiwa uyibhoklolo ebeliphilisa kanzima uBongeka uzovela enkantolo yeMantshi eRichmond nokuyilapho eyofaka isicelo sebheyili.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseRichmond abophe owesilisa (35) ngecala lokushaya owesifazane. 

Uphinde waqinisekisa ukuthi umsolwa uzoma phambi kwenkantolo namuhla eyofaka isicelo sebheyili.

Kuthiwa wamhlasela kubo wayomgwazela khona. 

Nakuba azama ukubaleka umgilwa kodwa umsolwa wamlandela wamphinda iso lesibili.

Inhlangano elwela amalungelo abesifazane iWomen For Change, yeseka umgilwa kulokhu abhekene nakho.

Isikhiphe isitatimende iveza ukuthi ifisa angayitholi ibheyili umsolwa.

Isinxenxe nabanye ukuba balwe nalezi sihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane.

Le nhlangano iphinde yasungula uhla olusayinwa ngabahambisana nombono wayo wokweseka umgilwa.

Kulesi sigameko esenzeke ngoLwesithathu olwedlule, kulimale kanzima uBongeka Nxele (27), waseMaswazini, eRichmond.